BASAZOTHWALA kanzima abantu bakuleli ngenxa kagesi onqamuka njalo.
Lezi zindaba zishiwo yisikhulu esiphezulu se-Absa Group, uMnuz Arrie Rautenbach, ngesikhathi siveza imiphumela yezimali yaleli bhange.
URautebach uveze ukuthi ukunqamuka kukagesi kufakela osomabhizinisi abancane ingcindezi.
“Osomabhizinisi abancane banengcindezi ngoba ukuhamba kukagesi kuphazamisa umsebenzi wabo. Abanawo amandla okuthenga izinsiza-kusebenza ezingaphazamiseki uma kuhambe ugesi, ngenxa yokuthi kabanayo imali eningi njengosomabhizinisi abakhulu. Sibabona benengcindezi enkulu,” kusho uRautenbach.
Uthe akusibo bodwa osomabhizinisi abancane abanengcindezi kodwa namakhasimende abo ajwayelekile angaphansi kwengcindezi ngoba impilo isiyabiza eNingizimu Afrika, ugesi unqamuka njalo futhi nemali-mboleko ilokhu inyuka njalo.
Lokhu uthe kushiya abantu nemali encane yokubhekana nezidingo zabo.
“Uma imali-mboleko inyuka, kusho ukuthi abantu kufanele bazilungisele ukuthi sebezokhokha imali ethe xaxa ezikweletini zabo. Njengamanje banengcindezi enkulu ngenxa yokubiza kwempilo. Sibabona bekhathazekile nangenkinga kagesi njengoba abanye besebenzela osomabhizinisi abancane,” kusho uRautenbach.
Uthe uma inkinga kagesi ingaxazululwa, izoba yinkinga enkulu kosomabhizinisi abancane abangazithola sebephoqeleka ukuthi bavale izinkampani zabo, bese kuphela imisebenzi kulabo ababaqashile.
I-Absa akulona ibhange lokuqala ukuzwakalisa ukukhathazeka ngenkinga kagesi. I-Standard Bank, FNB neNedbank nabo bazwakalise ukukhathazeka ngenkinga kagesi.
Wonke la mabhange akhale ngokuthi inkinga kagesi iphazamisa kakhulu osomabhizinisi abancane, okuyibona abadala imisebenzi eminingi.
NgoLwesihlanu, uSihlalo weBhodi le-Eskom, uMnuz Mpho Makwana uthe kusazoqhubeka ukunqamuka kukagesi ngoba badinga izinyanga eziwu-18 kuya eminyakeni emibili ukulungisa isimo kule nkampani.
Ucele abantu bakuleli ukuthi babekezele ngoba ngeke bakwazi ukushaya ngezinqamulelayo, uma belungisa inkinga ye-Eskom.