UCWANINGO lweStatsSA luveza ukuthi bawu-12.08 million abantu bakuleli abangasebenzi, kubona u-10.99 million ngabamnyama kanti u-45.5% wabo ngabantu abasha.
Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi abantu abasha yibona abaswele umsebenzi kakhulu eNingizimu Afrika.
Inhlangano yodokotela bengqondo, iSouth African Society of Psychiatrists, iveze ukuthi abantu abasha basengcupheni yokuzibulala uma bengasebenzi ikakhulukazi abesilisa.
Ithe izinga lokuzibulala liphindwa kahlanu emadodeni uma liqhathaniswa nabesifazane.
Ukungasebenzi, ukuphelelwa yithemba, izinkinga zobudlelwano nokungakhuli kahle, kubalwa nezinye zezinto eziholela abantu ukuba bazibulale.
Le nhlangano ibalule ukuthi okwenza abesilisa bazibulale yindlela abakhuliswe ngayo yokuthi bangakhali futhi bakuthola kunzima ukukhuluma ngosizi ababhekene nalo.
UNksz Xoliswa Gumbi (30) onguMengameli we-Unemployed Graduates Movement, uthe ucwaningo oluveza ukuthi abangasebenzi basengcupheni yokuzibulala lukhuluma iqiniso.
Uthe abantu abasha babhekene nezinkinga ezihlukene zokungahlangani kwempilo yize iningi labo lineziqu zemfundo ephakeme.
“Abantu abasha baphelelwa yithemba ngenxa yokuthi sekuphele iminyaka befesa emuva kokuthola iziqu zemfundo ephakeme kodwa bengawutholi umsebenzi. Abanye bagcina sebengena ebugebengwini ukuze bakwazi ukuphila. Abanye bayazibulala ngoba bebona ukuthi impilo ayihlangani. Kuningi kakhulu okubhekene nabantu abasha,” kusho uNksz Gumbi.
Uthe bayazama ukusiza abantu abasha abangasebenzi ngokubafunela uxhaso lwezezimali ukuze bakwazi ukuzisebenza.
“Izinkampani azisakwazi ukuqasha abantu kunalokho ziyabadiliza. Sifuna uhulumeni ongenayo aqinisekise ukuthi osomabhizinisi bayakwazi ukuqhuba umsebenzi ukuze bezoqasha abantu. Kufanele nabantu abasha bakhulume ngezinkinga zabo zokungasebenzi, bakhulume nangokuyovota ukuze bakhethe abaholi abazobalethela impilo engcono,” kuchaza uNksz Gumbi.
Uveze ukuthi izinhlangano ezixhasa abantu abasha ngemali yokuvula amabhizinisi ziyabaxhasa kodwa uyakuqonda ukuthi akusiwo wonke umuntu ofuna ukuba wusomabhizinisi.
Le ntokazi yaseHluhluwe eneziqu zePostgraduate Diploma kwiCost Accounting, ithe iziphilisa ngokubamba amatoho ezinkampanini ezidinga usizo lwe-accounting.
Ithe nabanye abantu abasha akufanele balahle ithemba kodwa kufanele bazame ukuziphilisa ngamakhono abanawo.
Inhlangano esiza abanezifo zengqondo iSouth African Depression and Anxiety Group (Sadag), ithe abantu abasha bayazibulala ngenxa yezinkinga ezihlukene.
Ibagqugquzele ukuthi bashayele u-0800 567 567/0800 21 22 23/0800 12 13 14 ukuze bathole umuntu abazokhuluma naye ozobasiza ukuthi bangazibulali kodwa babhekane nezingqinamba zempilo.