‘UKUSHAYISANA kosopolitiki nomphakathi ikakhulu ezindaweni zasemakhaya - ezinye zazo ezisaphethwe ngamakhosi - ngenye yezinto ezenza kube nzima ukufukula omasipala basemakhaya.’
Sisho njalo isazi sezokuvakasha, uDkt Bandile Mkhize, sikhuluma engqungqutheleni yokuzocebisa omasipala ngezindlela zokuphatha nokubafukula, iMunicipal Strategy Conference, ebisePremier Hotel, eMhlanga, izolo.
Le ngqunguthela engeyokuqala yalolu hlobo - ezosongwa namhlanje - ihlelwe yinkampani ezimele iNsikayezwe Management Consultants, eholwa wuMnuz Erick Sithole.
Eqhuba, uDkt Mkhize uthe kufanele ngabe ziningi izinhlelo ezenziwa ngabaholi bezepolitiki komasipala ababaholayo ukuze bathuthuke kodwa akwenzeki ngenxa yokuthi akubanjiswene.
“Okunye okuhluphayo wukuthi osopolitiki bazitshela ukuthi bahlakaniphile kunabaholi bomphakathi nabelaphi bendabuko, bekhohlwe wukuthi yibona labo bantu abaneqhaza ekutheni kwenzekani emphakathini abawakhele. Yizinto lezo okumele zilungiswe ngokuthi kuhlalwe phansi, kwakhiwe ubudlelwano kulezi zinhlaka zombili ukuze izinto zilunge,” kubeka uDkt Mkhize.
UDkt Andre Roux, naye obeyisikhulumi sosuku, weluleke abaholi bomasipala ukubeka eqhulwini izindawo zasemalokishini ngoba yilapho okugcwele khona abantu abasha, abayikusasa lezwe.
“Kumele senze impilo ibe lula kubantu abasha ngokubalekelela ezintweni ezinhle abazenzayo ukuze bezothemba ubuholi obuphethe ngaleso sikhathi ngoba kuzobe kubabeka eqhulwini futhi kwenza bazizwe bebalulekile,” kucebisa uDkt Le Roux.
USolwazi Siphamandla Zondi, yena ucebise omasipala ukuthi bayeke akubize ngokuthi ukwenza sengathi izinkinga ezibhekene nomphakathi bayazilungisa, bebe bengenzi lutho. Uthe abantu bakhathele yithemba elingekho, bafuna into abayibonayo.
USithole ugcizelele ukuthi le ngqungquthela izobuya nangonyaka ozayo, njengoba befuna ukuthi ibe wumcimbi waminyaka yonke.