LUNGILE MAJOKA
UKHALA ngokungawubambi umgqigqo owodwa kwabadlali bakhe umqeqeshi weKaizer Chiefs, uSteve Komphela, obephawula ngemuva kokuthi ezakhe zihlulekile wukunqoba iChippa United emdlalweni wazo wokuvula we-Absa Premiership.
IChiefs ibambane ngo 0-0 ne-Chillie Boys eNelson Mandela Bay Stadium ngempelasonto. UKomphela obebonakala edangele ngemuva komdlalo uveze ukungagculiseki ngokuhluleka kweqembu ukugqobhoza iChippa yize idlale sonke isiwombe sesibili ingasaphelele.
Lo mqeqeshi akachazekanga ngokuthi kuthiwe umdlalo ubuheha mhlawumbe obekungenzeka ukuthi ukusho ngoba ubengalindele ukuthi iChippa ingabathwalisa ubunzima.
“Asikwenzanga obekulindelekile kithina. Siyakwazi esingakwenza. Sifuna ukuba nomgqigqo owodwa endleleni esidlala ngayo. Uma kuwukuthi bekuwumdlalo ohehayo, hhayi kusho ukuthi kumele ngiyowubuka kahle ngaphandle kokufaka imizwa.
“Uma iChiefs ifuna ukudlala kumele ibe nomgqigqo owodwa. Bekunesikhathi lapho besiwulawula khona umdlalo kodwa sabuye safadalala. Angazi noma ngingakwazi yini ukwamukela iphuzu, ngokwami besingenza kangcono kabi. Ngibatshelile ukuthi uma iqembu lingaphelele liyawukhuphula umfutho kodwa thina besidlala amabhola amade ebhokisini labo bebe benabadlali ababili abade u(James) Okwuosa noDaylan (Hawes). Bekumele silibeke phansi ibhola,” kusho uKomphela obenganeme neze ngesikhathi ephawula ngomdlalo kuSuperSport.
NgeSonto iChiefs izovakashela iBloemfontein Celtic eFree State Stadium emdlalweni womlenze wokuqala we-semi final yeMTN 8. IChiefs iyona evikela isicoco salo mqhudelwano esinqobe ngesizini edlule. Izobe isiyamukela iFree State Stars emdlalweni weligi ngo-Agasti 22 eFNB Stadium.
UKomphela uthe kuhle ukuthi abazange bangenelwe yigoli kwazise emdlalweni odlule badedela amathathu bedlala neMaritzburg United.
“U(Itumeleng) Khune usizile naye evimba amabhola amabili amabi kodwa uma kuziwa ekuhlaseleni bekumele silishaye igoli, bengizobe sengiyabona ukuthi kukhona lapho esiya khona. Zikhona izindawo engizibonile okumele sizilungise kodwa engingeke ngizidalule emphakathini. Kuzomele siwucubungule kahle lo mdlalo ukuze sikwazi ukuchaza ukuthi sihlulwe kanjani ngoba sifuna ukuwina yonke imidlalo,” kusho uKomphela.