“NGALE ncwadi ngidlulisa umyalezo wokukhuza abantu abanemibono nemicabango engemihle ngabesifazane bakuleli, abathandana nabesilisa bakwamanye amazwe.“
Ngamazwi ombhali uNksz Thabile Shange, awasho ngenkathi echaza kabanzi ngokubhala kwakhe incwadi yesibili eyinoveli yesiNgisi, esanda kuphuma esihloko sithi, In The Midst of It All.
UNksz Shange (25) waseNewlands West, eThekwini, oneziqu zobuntathelli aziphothula eDUT ngo-2018, uthe kuphilwa esikhathini lapho (abanye) abantu behlulelwa khona ngokuthi bazwana nobani futhi badabuka kuphi nezwe, okuyinto engeyinhle ngokubona kwakhe.
“Yingakho ngikhiphe i-In The Midst of It All, engidlulisa ngayo umyalezo wokuzama ukulwa nezinkolelo ze abanye abantu abanazo ngabantu bakuleli abathandana nabokudabuka emazweni ase-Afrika, ikakhulu eNigeria.
“Bengifuna ukuveza ukuthi uthando kaluyi ngebala lomuntu nokuthi abantu abangahlulelwa ngokuthi bathandana nobani. Okunye okusemqoka engikuveze kuyona, wukuthi akusibo bonke abantu basemazweni angaphandle abayizigebengu kepha bakhona abaphila impilo eqondile engahlangene nobubi,” kuchaza uNksz Shange.
Eqhuba, uthe encwadini yakhe ephume ngoSepthemba nonyaka, ilama eyokuqala ethi The Morning After. Uhlaba isihlava sokucwaswa kwabantu bokufika wathi kuyinto esadlangile namanje eNingizimu Afrika.
Uthe incwadi ilungele ukufundwa yiwo wonke umuntu, ikakhulu osabuka bonke abantu bokufika njengabayingozi nabangalungile, uthemba ukuthi ukuyifunda kwabo kuzokwenza babuke impilo ngenye indlela.
Kwabayidingayo, isiyatholakala cishe kuzo zonke izitolo ezidayisa izincwadi kwi-internet.