KUDUMA ikhanda kowesilisa waseHammarsdale obalisa ngokuthi umkakhe umshiye ekhaya labo wayoshada nenye indoda maqede wabuya kwangathi akwenzeke lutho.
UMnuz Ndumiso Mfeka uthi okumehlele uyokuxoxela amagwababa echobana ngoba unkosikazi wakhe akakaze asho ngisho ukuthi ufuna isehlukaniso.
Elandisa, uthe bese kunesikhathi eside eshade nomkakhe, kodwa wethuke koma nasozwaneni ebona izithombe eziqinisekisa ukuthi unkosikazi wakhe ubeshada nenye indoda.
Uveze ukuthi bobabili banengane yomfana eneminyaka eyisishiyagalolunye. Usola ukuthi unkosikazi wakhe ushade nowesilisa ake wasola ukuthi bayathandana naye.
“Ukukutshela iqiniso nje, ngake ngamubamba nalo muntu wesilisa ukuthi bayathandana. Sayixoxa indaba yadlula. Ngikhungathekile manje uma esenyonyoba eseyoshada naye ekubeni singazange sihlukanise sobabili,’’ usho kanjena kuzwakala ukuthi udidekile.
UMfeka usonge ngokuthi njengoba izinto sezimapeketwane kanjena, ufuna imali yakhe yonke yamalobolo ibuye.
Udalule ukuthi utholile ukuthi umkakhe uphinde walotsholwa futhi yile ndoda.
“Mina ngiyazibuza ngiyaziphendula ukuthi kubo balamukele kanjani ilobolo bemazi ukuthi ushade nami. Impela lokhu ngiyakweshwama. Kulukhuni ukuba yindoda,’’ usho kanjena ebalisa.
ISolezwe ngoMgqibelo likhulume naye lo wesifazane obeshada, wavuma ukuthi uyamazi uMfeka kodwa uthe abasathandani naye, sebehlukene. Kuthe uma ebuzwa ngokushada nenye indoda engahlukanisile, wase ecela ukuthi abuye ashayelwe ucingo ekhala ngokuthi akakwazi ukuphendula kahle imibuzo yentatheli ngoba umatasa emsebenzini.
Umthombo osondelene nalolu daba uveze ukuthi lo wesifazane umshado wakhe wesibili awukho emthwethweni kube ngowengubo emhlophe nje kuphela.
Ummeli, uMnuz Mpilo Hlongwa uthe uma lo mshado ububhalisiwe, lo wesifazane ubengeke akwazi ukushada engahlukanisile.
Uthe umshado wokuqala yiwona ogunyaziwe hhayi lo wesibili awushade kamuva.