NKOSIKHONA CELE
UFUNA izimpendulo umndeni wakwaNkosi, eMaphaya, eJozini ngokutholakala kwesidumbu sendodakazi yawo egumbini likathisha obeyisoka lengane yawo.
Ngemuva kwesigameko uthisha unikele ngembuzi nenkomo kubo kantombi.
Ngokuthola kweSolezwe NgoMgqibelo sekuqubuke imibuzo engapheli ngokutholakala kukaNokuphiwa Nkosi (23) eseshonile egumbini likaMnuz Sphamandla Fakude (31) onguthisha wePhysical Sciences oBamba High School eJozini.
Ilungu lomndeni ebelithuthumela lithe bafuna izimpendulo ngokushona kukaNokuphiwa hhayi le nto yokuthi bathuliswe ngenkomo nembuzi.
Lithe uthisha wabatshela ukuthi uNokuphiwa uzikhungile.
Lithi uthisha wavele wathatha uNokuphiwa wamyisa emakhazeni umndeni ungazi.
Lokho lithi kubenza bashaye amakhala. "Yini edala ukuthi angawubizi umndeni uzobona uNokuphiwa ezikhungile ? Yini edala ukuthi agijime athathe isidumbu asiyise amakhazeni?Ukwenze ngemvume kabani lokho ?'' kubuza ilungu.
Umthombo uveze ukuthi ngosuku ashona ngalo uNokuphiwa wayekade eqale endaweni yobumnandi.
Kuthiwa uNokuphiwa wacela lowabe eyisoka lakhe ukuba amkhaphe amyise esokeni lakhe elisha.
Abakhulume neSolezwe NgoMgqibelo bezifihlile bathe basola sengathi konke okwenzekile kusukele lapho.
"'Nawe uyabona isoka elidala lingayiphelezela kanjani intombi liyiyise endodeni entsha. Mhlawumbe lokho kwamcasula uthisha kwaba khona akwenzayo. Kodwa simane siyadlinza nje asazi. Iqiniso liyovela ngelinye ilanga,'' kusho umthombo.
Udadewabo kaNokuphiwa, uNksz Thobeka Nkosi ukuqinisekisile ukuthi umufi wacela isoka elidala ukuba limkhaphe kuyiwe esokeni elisha ngoba kwase kuhlwile esaba ukuhamba yedwa.
Uthisha uthe kwavele kwahlwa emini uma efica uNokuphiwa elenga wavele wacabanga amaphoyisa.
"Kuthiwa ngibulale umuntu. Mina ngiyazi ngimsulwa,“’kuchaza ioka liziphendulela. Mayelana nesoka elidala likaNokuphiwa uthe uke ezwe kukhulunywa ngalo kodwa akakaze alibone.
Mayelana nenkomo nembuzi abayihambise kwaNkosi uthe: ''UNokuphiwa utholakale eshonile endlini yami. Bekufanele ukuba ngihambise okuthile emndenini. Hhayi ngoba bekuyinhlawulo.'' Uvumile ukuthi akazange alubhade emngcwabeni.
Ebuzwa ukuthi uyazi yini ukuthi isidumbu sinezibazi futhi sibonakala njengesomuntu obeshaywa, uthe lokho uyakweshwama.
Uveze ukuthi uqale ukuthandana noNokuphiwa ngoNovemba nyakenye wathi bebengakaze bahilizisane.
Isolezwe NgoMgqibelo likhulume noNksz Nonto Nxumalo ongumasitende walapho kuqashe khona uthisha wasiqinisekisa isigameko.
Ilungu lomndeni wakwaNkosi likuqinisekisile ukuthi abakwaFakude baletha inkomo nembuzi okwagcina kuhlatshwa ngosuku lomngcwabo obungesonto eledlule.
Isolezwe NgoMgqibelo linazo izithombe zikaNokuphiwa ezihlasimulisa umzimba.
Kuyabonakala ukuthi ushayiwe. Amehlo akhe abomvu uklwebhekile kabuhlungu. Ehlweni langakwesobunxele kuphucukile kwavela inyama ebomvu.
Ngaphansi kwamabele akhe unemivimbo okubonakalayo ukuthi ubekade ebulawa ngenduku. Amakhala akhe abevuza igazi. Umhlane uphelile yimivimbo okubonakala sengathi ngeyemvubu.
Induna yendawo, uMnuz Jabulani Fakude ophinde abe nguyise wesoka likaNokuphiwa uthe ubengazi ukuthi indodana yakhe ithandana noNokuphiwa.
Uthe bebeqhuba isintu ngokungayivumeli indodana ukuba iye emngcwabeni wentombi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uCaptan Nqobile Gwala usiqinisekisile isigameko. Wathi senzeke eMaphaya, eJozini. Uthe udaba lusaphenywa.