UKULANDELWA kwabaholi ngokuthi kuqoshwe izinkulumo zabo bengazi ngasese, yinto ekhona eyenziwa amaphoyisa athile akhohlakele ngoba efuna ukufeza izifiso zabathile.
UDkt Zweli Mkhize ongungqongqoshe kazwelonke wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu usho kanje ephawula ngokuthiwa ukulandelwa kwabaholi be-ANC ngasese kuqoshwe izinkulumo zabo.
UMkhize ukusho lokhu engxoxweni abe nayo naleli phephandaba izolo kade evota esikhungweni iThandokuhle Creche eseWillowfontein, eMgungundlovu, okuyindawo ajwayele ukuvota kuyona.
Ubehamba nonkosikazi wakhe uDkt May Mkhize. “Kwenziwa amaphoyisa ngokungemthetho ngoba efuna ukusebenzisa ubugebengu,” kusho uMkhize.
Uthe lokhu akwenza ngoba inhloso yawo asuke efuna ukuvala okuthile okungalungile, bese edidisa ngalezi zinkulumo ukuze kunganakeki okwenziwa abathile okungalungile.
“Izinto lezi ezidinga ukuthi ziphenywe kabanzi ngoba zizolukhu ziqhamuka ngaso sonke isikhathi,” kusho yena.
NgokukaMkhize, ukhetho luhambe kahle ezindaweni azihambelile.
“Abantu ababhekele ukuvota ezikhungweni zokuvota ngibabone bebaphethe kahle abantu nakuba kukhona abathe kade sekuphele isikhathi eside bemile kolayini,” kuchaza uMkhize.
Uthe akuphawulile futhi ukuthi umfutho wokuvota ubuye ngamandla kubantu kulolu khetho, kungafani nokhetho loHulumeni waseKhaya olwalungo-2016, lapho abantu bengazange baphume ukuyovotela i-ANC.
Mayelana nemibhikisho abantu abakhala ngayo ukuthi kumele imingcele iklanywe kanjani, uthe wudaba lolu abahlose ukuthi balubhekelele uma sekuvotiwe ngoba ngeke impendulo yalo iphume maduze.
Ulinganise ngendawo yaseMatatiele nezinye athe yizona okusanomsindo ngazo ngemingcele.
Kulesi sikhungo kusuke isiphithiphithi ngenkathi omunye wabavoti oneminyake engu-67, efumbeka phansi waphuthunyiswa emtholampilo.
UMnuz Khephu Nzimande waseMahlathini, eZakhiweni, uquleke ngesikhathi elindele ukuvota.
Kuphoqeleke ukuthi uMkhize akumise ukuvota kwakhe angenelele ukusiza uNzimande, kwazise bekusaphele cishe imizuzu eyishumi efikile.
Ebuzwa uNzimande ukuthi inkinga ibekuphi, uthe ushaywe yinzululwane emva kwalokho wangaqonda ukuthi kwenzekani.
Uthe nasekuseni ngenkathi elungiselela ukuzovota, akuzange kuvume ukuthi adle.
UMkhize uthe izimo ezifana nalezi akumele ngabe ziyenzeka.
“Kumele ngabe ufakwe ohlwini lwamavoti ayisipesheli (umkhulu). Besingekho isidingo sokuthi aze ahambe ibanga elide azovotela kule ndawo,” kusho uMkhize.
Emva kwamahora ambalwa uNzimande kade eyofunelwa usizo emtholampilo, ubuyile wavota ngaphandle ngokubambezeleka, wabe esephuthunyiswa ekhaya.