UKHATHAZEKILE uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, ngokuxhashazwa kwezimoto ezithwala iNdlunkulu kaZulu.
UNkk Dube-Ncube uthe kabaneme ngokungabi khona kozinzo ekulawulweni kwesikhwama esibhekele iMbube, iRoyal Household Trust.
Uthe bafuna kube nesikhathi lapho bezokwazi ukuzishaya isifuba ngokuthi sekunozinzo ekulawulweni kwekhwama.
Uveze nokuthi bathole nombiko ngokungaphathwa ngendlela efanele kwezimoto ezithwala indlunkulu. Ezinye zazo uveze nokuthi zithwala nomndeni wasendlunkulu.
“Sithathe igxathu ukulungisa isimo njengoba siqoke umqondisi ozobhekela ukuqapha ukusebenza kwalezi zimoto ngendlela efanele. Uzoqapha nokuthi akubi khona ukuxhashazwa kwalezi zimoto,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma namalungu ekomiti elibhekele ukusebenza kwezimali zomphakathi esiShayamthetho sesifundazwe iStanding Committee on Public Accounts (Scopa), ngoLwesihlanu.
Umphathi wezimali walesi sikhwama, uMnuz Sipho Buthelezi, utshele amalungu eScopa, ukuthi bathole umbiko wezimali kumcwaningimabhuku jikelele, onezinto okusamele bazilungise.
Uthe unyaka nonyaka bathola umbiko ongcono wokusebenza kwezimali njengoba eminyakeni edlule, isimo sezimali besingesihle.
Khonamanjalo uNkk Dube-Ncube, ufisele ukululama izigagayi zeSilo uMisuzulu kaZwelithini, ebezibuya ecaleni elithinta umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu, abaNtwana uVanana noSimphiwe Zulu, baKwaMinyamazi.
Laba balimala engozini yemoto ku-N17 eSprings eGauteng, bebuya ecaleni ebeliqulwa eNkantolo eNkulu ePitoli, ngeledlule.
UNkk Dube-Ncube uthe uwutholile umbiko ngale ngozi wabafisela ukululama okusheshayo.
UMntwana uVanana ekhuluma kwenye yamavidiyo ezinkundleni zokuxhumana, uveze ukuthi abantu abakhululeke ngoba bavukile othulini.
Uthe abame isibindi ngoba kukhona itulo ebelihleliwe, lokubasoconga.
“Hawu nina beSilo khululekani, insizwa ivukile othulini. Manini isibindi ngoba kwalokhu obekuzama ukungisoconga, yinto ebihleliwe ngempela.
Ngeke kube ngukuthi izimoto ebesihamba ngazo zishayisane zombili, kusho khona ukuthi yinto ebihleliwe. Khululekani naba abantwana sihleli nabo. Ngiyinsimbi. Nakusasa ngizoba nani, kuyiwa phambili nina beSilo,” kusho uVanana kwividiyo.
Okhulumela ihhovisi leSilo, uMntwana u-Africa Zulu, ukuqinisekisile kwiSolezwe ukuthi isimo sabantwana asisibi.
Uthe ngokombiko abawutholile ukuthi kube imihuzuko nje engalweni kuMntwana uVanana, kuMntwana uSimphiwe kwaba imihuzuko esifubeni.
Icala ebelithethwa enkantolo liphonsela inselelo isinqumo sikaMengameli Cyril Ramaphosa, sokuvuma ukuqokwa kweSilo.
Isinqumo ecaleni sigodliwe.