UNGQONGQOSHE obhekele izindaba zaBesifazane, iNtsha nabantu abaphila nokuKhubazeka neziNgane ehhovisi likamengameli wezwe, uNkk Maite Nkoana-Mashabane, usephakamise ukuthi bathathelwe izinyathelo zomthetho abahlukumeza umphakathi ngokobulili.
Lona umlayezo wakhe awudlulisele emphakathini ngosuku lwabantu abasha ukuze wonke umuntu abe neqhaza alibambayo ekulweni nalesi sihlava esibonakala siqhubeka kuleli.
“Elakuleli liyaqhubeka nokuba nezigameko zodlame zokuhlukunyezwa ngokobulili kwabantu besifazane selokhu izwe laqala ukuwelela esigabeni sesithathu,” kusho uNkk Nkoana-Mashabane.
Uthe abesifazane namantombazane bayaqhubeka nokuhlukunyezwa, bashaywe baphinde babulawe ngabesilisa kuleli.
“Lesi simo simandla kakhulu emakhaya, ezindaweni zokusebenza, emiphakathini esihlala kuyona. Asikhethi ukuthi uphila hlobo luni lwempilo nokuthi ungowebala elinjani,” kuchaza yena.
Uthe uhulumeni usebonile ukuthi lena akuyona impilo angayilwa eyedwa ayinqobe.
“Lena yinkinga edinga umphakathi ukuthi sonke sibambisane ukubhekana nalesi sitha,” usho njalo.
NgokukaNkk Nkoane-Mashabane, izwe lisenkingeni enkulu ngalokhu, yingakho lesi sihlava kumele siqedwe.
Ubale izigameko zokubulawa kwabesifazane ezisanda kwenzeka, okusolwa kuzo abantu besilisa.
Phakathi kwbo kubalwa uNksz Tshegofatso Pule, Nksz Naledi Phangindawo, Nompumelelo Tshaka, Sibongiseni Gabada nabanye abaningi okugcina kungabikwanga ngabo kwabezindaba.
Uthe umphakathi ungabamba elikhulu iqhaza ngokuthi ubike emaphoyiseni ngalezi zigameko.
Uqhube wathi uma abantu bebika kwabomthetho, banelungelo yokungazisho amagama abo uma bebona ukuthi abaphephile.
Nakhu okungakusiza uthole usizo uma kwenzeka uhlangabezana nenkinga:
Yiba nomgani noma isihlobo ongasishayela uma udinga usizo
· Yiba nnombolo eyimfihlo yomuntu owaziyo ukuthi ungaphepha uma uxhumana naye uma usengozini
· Izingane zakho azibe nayo leyo nombolo.
· Yiba nendlela ongakwazi ukukhombisa omakhelwane ukuthi usenkingeni ukuze uthole usizo.
Hlala unezinombolo eziphuthumayo zamaphoyisa, ezezinhlangano ezizimele ongakwazi ukuzishayela uma usenkingeni.
Ungashayela iSouth African Police Service (SAPS) kule nombolo yamahala ethi: 08600 10111, noma bathumele iSMS ku: 32211, okanye bashayele ucingo iGender-Based Violence Command Centre ku: 0800 428 428.