USOLA impi ebhekiswe kuye uMnuz Vika Biyela, ongumfowabo womsakazi woKhozi uZimiphi “Zimdollar” Biyela, eshiselwa enye itekisi.
Ngokusho kwakhe, kulesi sigameko esenzeke eNtambanana, eMpangeni, ngoMgqibelo, kuphinde kwalimala nomshayeli wetekisi kulandela ukudutshulwa kwakhe ngabantu abangaziwa.
“Umshayeli wayebuya embuthwaneni eThekwini, itekisi iqashwe ukuhambisa abantu khona. Uthe uma esefike eMpangeni ehambe ehlisa abantu, uqaphele ukuthi kukhona iQuantum emlandelayo,” kusho uBiyela.
Uqhube wathi iQuantum liqale ukuhlasela emva kokuba eseqedile ukwehlisa abantu umshayeli.
“Kwaqala kwaba khona ukudubula okubhekiswe kuye esehamba emgwaqweni omkhulu. Wayimisa itekisi, waphuma wabalekela esikhotheni, bangabona abahlaseli,” kuchaza uBiyela.
Uveze ukuthi abahlaseli, bathi besuka babehla kwiQuantum labo, bafike bashisa itekisi yakhe ngebhomu likaphethroli.
Ubuye waveza ukuthi ngoDisemba, kungenelwe omunye wabashayeli bakhe, uMnuz Sakhile Shezi ekhaya eShowe, wadutshulwa wabulawa.
Ngaphambi kwalokho, washiselwa amatekisi angu-14.
“Lokhu kubeka ngokusobala ukuthi kukhona ukuhlaselwa okubhekiswe kimi ngqo,” kusho yena.
Uqhube wathi kukhona amacala amaningi awavule emaphoyiseni, kodwa angakawaboni ethela izithelo zobulungiswa.
Echaza ngemboni yezokuthutha ngakubo, uthe kuke kwaba khona intuthu eshunqayo ngakhona kodwa yake yathi ukuthula kulethwe uhlobo oluthize lwamphoyisa.
“Afika ahlala izinyanga eziyisithupha, kwake kwathi ukuthula, kodwa kuthe ngokuhamba kwawo umsindo waqala phansi,” kusho yena.
Uthe babefisa ukuthi kungagcini ngokuqashwa komsindo kuphela kodwa kube khona ababoshwayo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe kuvela icala lokuzama ukubulala kuphela, aliveli elokushishwa kwempahla.