IDONSE amehlo abaningi imashi ebihlelwe wumsakazi weVuma FM, uJacinta MaNgobese Zuma, ebiseThekwini.
I-March in March, eqale epaki kuBotha yaphelela eCity Hall, injongo yayo bekuwukudlulisa umyalezo wokuthi abahambe kuleli abantu abangenazimvume abaqhamuka emazweni angaphandle.
UJacinta uthe ubugebengu obudlangile eminyangweni ehlukene kahulumeni, emigwaqweni emadolobheni amakhulu nakwezinye izindawo nokudayiswa kwezidakamizwa okuningi kwenziwa ngabokufika.
Le mashi ibixhaswe yiqembu lezepolitiki, i-Action SA. UMnuz Zwakele Mncwango, ongumholi waleli qembu KwaZulu-Natal, uthe bayahambisana nale mashi njengoba nabo kuyinto abayifunayo ukuthi abangenazo izimvume zokuba kuleli bahambe.
"Sifuna iqine imithetho yokuthi abakuleli ngokungemthetho bathathwe babuyiselwe emazweni abo. Kungagcini lapho, sifuna uhulumeni noMnyango wezaseKhaya bayiqinise imithetho ethinta ukuba khona kwabantu bangaphandle kuleli bengenamvume. Yimashi le ehlelwe ngabantu bakuleli abakhathazekile," kusho uMncwango.
Uthe bekudingeka kube khona abalusukumelayo lolu daba.
UMnuz Mlungisi Ndlovu, wenyunyana yabasebenzi iPublic Servants Association of South Africa (PSA), uthe alusukunyelwe udaba lwabangaphandle abangena kuleli ngokungemthetho, wathi amaphoyisa kanjalo nababhekelele imingcele kumele banikwe izinsiza zokusebenza ezizokwenza umsebenzi wabo ubelula futhi bahlale bevikelekile.
Umhleli wale mashi, uJacinta, ubonge wonke umuntu okade ekhona, wathi lokhu kusayisiqalo, balindele uhulumeni alubheke lolu daba.
"Ngibonga ukuthi abantu bakwazile ukuphuma bazomasha. Unyaka nonyaka sizoyibamba imashi yalolu hlobo ngoba sonke besicabanga ukuthi isimo sizoba ngcono kodwa kuya ngokuba kubi. Abantu bebefuna ukukhuluma ngalolu daba kodwa konke bebekugcina ezinkundleni zokuxhumana kungenzeki lutho. Namanje kuyajabulisa ukubona abantu abangaka bengabi novalo lokuthi kukhona okuzobehlela uma beveza ukungajabuli kwabo," kuchaza yena.
Uhlu lwezikhalazo lwamukelwe nguMnuz Sabelo Gwala obephuma eHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli.