ALUGOBI uphondo kuNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Aaron Motsoaledi, yize iqonga ingcindezi efakwa odokotela abangaqashiwe ezweni.
Kusuka ngeledlule esifundazweni iMpumalanga nase-Eastern Cape odokotela abangaqashiwe baqale imibhikisho. Nayizolo bebebhekisha abaKwaZulu-Natal enhlokodolobha yesifundazwe i-Pietermaritzburg.
Ndawo zonke bami ngelokuthi bagxoba itoyitoyi ngoba kushoda abasebenzi kwezempilo okubeka engcupheni impilo yeziguli ezisuke zifuna usizo ezikhungweni zikahulumeni.
UMotsoaledi uthe ukuze baqashe odokotela kumele bavunyelwe yizimo.
“Sibhekene nengwadla yokunciphisa izindleko, ukuncishiswa kwesabelomali kukhinyabeza kakhulu amandla ethu okuqasha odokotela futhi kusithikameza ezintweni eziningi.
“Yebo, siyavumelana nezikhalo zodokotela kodwa ekugcineni awukwazi ukunikeza umsebenzi ungenazo izindlela zokukhokhela abantu, manje yileso simo esikuso,” usho kanje.
Ngokusho kukaMotsoaledi, abafundi abafundele ubudokotela abaphothule i-internship nomsebenzi womphakathi bangodokotela abaphelele abangaya noma yikuphi bayophanta umsebenzi.
“Uma uMbuso ukhangisa izikhala ungasifaka isicelo. Uma umsebenzi ukhangiswa emkhakheni ozimele, ungafaka isicelo. Nxa ufuna ukuvula indawo yakho uzimele njengodokotela, ungakwenza nalokho.”
UMotsoaledi ukukhabe ngazo zombili ukuthi kufanele odokotela baqashwe wuhulumeni nxa sebeqede uhlelo lokusebenza emphakathini ngokwe-internship.
Okhulumela i-SA Medical Association Trade Union (Samatu), uDkt Kenneth Sithole, uthe ngemashi yayizolo eMphithi bahlose ukuthola izimpendulo ngokubhuquza kwabo emakhaya neziqu zobudokotela.
Uthe inkinga wukuthi kunesidingo sodokotela esisephezulu kakhulu ezweni.
Uthe ukungaqashwa kwabo kusho ukuthi iziguli eziningi zisazophucwa ilungelo lazo lokuthola usizo lwezempilo.
Babalelwa ku-630 odokotela asebeqeqeshwe ngokugcwele abangaqashiwe ezweni.