IYAVEVA inhlangano emele abahlinzeka izikole ngokudla KwaZulu-Natal, i-National School Nutrition Programme (NSNP) Service Providers Association, ngokubanjiswa udonga wuMnyango wezeMfundo esifundazweni, ogcine ungasifezanga isethembiso sokukhokhela bonke obakweletayo ngaphansi kwalolu hlelo ngoLwesibili.
Le nhlangano ithe idumele ngoba labo sonkontileka abakweletwa ngumnyango, bathe bethi ngqu kuma-akhawunti abo, bafica itshe lome inhlama, ingabonwa imali abayithenjiswe wumnyango.
Umnyango wawuthembise ukuthi ngoJanuwari 28, izobe isifakiwe kuma-akhawunti abo.
UMnuz Thabang Mncwabe wale nhlangano, uthe umnyango ubaqambele amanga wathi uzobakhokhela labo obakweletayo kodwa akuzange kwenzeke lokho.
Uthe lesi sithembiso samanga siqeda ukwethembana phakathi komnyango nabaphakela izikole.
“Umnyango uhluleka ukubeka phambili abaphakela izikole. Lokhu kubanjiswa udonga kwabahlinzeka izikole ngokudla kubeka engcupheni ukuphakelwa kwabafundi, abanye babo abathembele kukona nsuku zonke,” kusho uMncwabe.
Uthe sekunesikhathi behlaba ikhwelo lokuthi kuphuculwe indlela okukhokhwa ngayo ngokuthi abenza lo msebenzi babe yingxenye yezingxoxo ukuze kutholakale isixazululo.
“Sesifuna kungenelele ungqongqoshe kazwelonke wezeMfundo odabeni lokudla ezikoleni zase-KZN. Sifuna abakweletwayo bakhokhelwe ngokushesha ngoba uma kungenjalo kuzoba nokuphazamiseka kokuhlinzekwa kokudla ezikoleni.”
Uthe kumele kube nenkundla ezohlanganisa izinhlaka ezehlukene ukuze kulungiswe izinkinga ezikhona.
Ubalule ukuthi abafundi yibona ababalulekile ukuthi baqhubeke bathole ukudla nsuku zonke ezikoleni zesifundazwe.
Okhulumela umnyango uMnuz Muzi Mahlambi, wathi bayalwazi udaba lwabahlinzeka izikole ngokudla abangakhokheliwe, waveza ukuthi udaba abalulungisayo wathembisa ukuthi bazobakhokhela ngoJanuwari 28, okuyinto engenzekanga.
UMphathiswa woMnyango wezeMfundo, uMnuz Sipho Hlomuka, wakhipha isitatimende lapho axolisa khona ngokubambezeleka ekukhokheleni abahlinzeka izikole ngokudla.
“Siyabuncoma ubudlelwano esinabo nabenza imisebenzi nomnyango, ikakhulu abahlinzeka ngokudla ezikoleni ukuze abafundi baqhubeke nokuthola ukudla. Inhloso yalolu hlelo ukuqeda indlala ebhuqa umphakathi, igqugquzele ukuthi abafundi beze ezikoleni nsuku zonke,” kusho uHlomuka.
Sekufana neculo ukukhala komnyango ngemali okwenza ungakwazi ukukhokhela ngesikhathi osonkontileka.