UFISA sengathi ngabe asizange siqedwe isigwebo sentambo umndeni kaMnuz Mnotho Mbatha okusolwa ukuthi wabulawa umholi we-ANC okusolwa ukuthi wayegajwe isikhwele.
Umalume kaMbatha, uMnuz Pilious Sikhosana, uthe umbulali ufanelwe ukufa njengoba ebulele umshana wakhe.
Ukusho lokhu emva kwenkonzo yomngcwabo kaMbatha, ebiseVryheid, ngeSonto.
UMbatha wadutshulwa esendlini yakhe. Kulesi sigameko kwalimala kabi intombi yakhe, uNksz Bhelina Nkosi.
Emva kwesigameko, usihlalo wegatsha le-ANC endaweni, uMnuz Guduza Buthelezi, wazinikela emaphoyiseni.
UButhelezi wayeyikhansela le-IFP endaweni, kodwa wabuye wahlubukela kwi-ANC.
UButhelezi kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi eVyrheid, ngoMsombuluko, lapho ezocela khona ibheyili.
USikhosana uthe asikho isigwebo esifanele uButhelezi ngaphandle kokufa.
“Umbulali lona obulale umntanami, ngingazi ukuthi umbulalelani, kusuke nje umuntu omdala azobulala ingane, ngendlela okwenzeke ngayo angazi ukuthi uhulumeni engenzanjani. Ukuba kuya ngesifiso sami ubezothola intambo ngoba umbulali kufanele ahlawule ngokubulawa. Uma ubulele, uzivulele indlela yakho, uchazela omunye umuntu ukuthi ufuna ukuhamba kanjani. Sifisa ukuthi uhulumeni aqinise umthetho kubabulali.”
USikhosana uthe uMbatha ushiye ingane encane ezokhula ingenamzali.
“Ingane izokhula ingenabani, incane kakhulu ingane yakhe.”
USikhosana uthe ufisa ukuthi uhulumeni aqede izibhamu ezingekho emthethweni.
“Le zibhamu ezigcwele izwe lonke yizo lezi ezenza ukuthi abantu baphendulane izinyamazane. Uhulumeni awuqinise umthetho.”
Ikhansela leDA kuMasipala wakubaQulusi, uMnuz Swelakhe Shelembe, lithe bazoqhuba umkhankaso wokuthi uButhelezi angayitholi ibheyili.
UShelembe uthe bazobiza umhlangano womphakathi banxenxe abantu ukuthi basayine uhlu lwamagama abo ukuze uButhelezi angadedelwa ngebheyili.
“Lo muntu uyingozi emphakathini. Vele kuyashiwo ukuthi ubehlezi eqhumisa isibhamu khona lapha emphakathini.”
UShelembe uthe bafuna ukuthi uButhelezi anikezwe isigwebo esiqinile.
“Sifuna ukuthi ezwe lo buhlungu obuzwiwa umndeni kaMbatha. UMbatha ngeke esavuka njengoba embulele, ingane yakhe izokhula ingenababa.”