UKHWELE wadilika ekhasini lezintokazi zakuFacebook, iLadies House uMfundisi Vusi Dube we-Ethekwini Community Church (ECC) enkonzweni yesikhumbuzo sikaMfundisi Sakhile “Mhlonishwa” Langa ebise-ECC ngoLwesine ebusuku.
Uthe laba besifazane badicilele phansi igama likamufi bephendula inhlekisa umuzi kanina kaLanga oseFolweni, bekhuluma into abangayazi.
UDube uthe lokhu kufikile kunina kaLanga kwamphatha kabi, nakubona njengebandla akwehlanga kahle.
“Ngizwile ukuthi labo galakajana baseLadies House bese bekhuluma kodwa kuyaxaka ngoba kwabona asikakaze siye emakubo. Kodwa ungakhathazeki mama, siyazi vele ukuthi bekuyisifiso sakho ukuthi uLanga akwakhele umuzi ngelinye ilanga.
“Uzoba khona umuzi, nanka amadodana ebandla uwabonile, umuzi wona uzoba khona maduze nje,” kusho uDube.
ITHIMBA lezithuthuthu nalo belikhona ukuzohlonipha uMhlonishwa Langa enkonzweni yesikhumbuzo eThekwini Community Church
Eqhuba uthe uLanga ubeyindoda enesibindi, izinto zakhe zingahlangani kodwa ekwazi ukuzinikela emsebenzini webandla noma abantu bembona ehleka becabange ukuthi konke kuhamba kahle.
Umndeni kaLanga okubalwa amadodana akhe amathathu nonina, abangani nomakhelwane kanjalo nezihlobo nabo bebeyingxenye yale nkonzo.
Umyalezo kanina uthe konke usekubeke eNkosini futhi uyabonga ngezinto abemenzela zona esaphila uLanga.
Ngaphandle kwakhe, bezikhona nezinye izikhulu ezahlukene ebezivumelana noDube, omunye wazo uPastor Mjosty oveze ukuthi uLanga uke wamgilela izimanga engena ekulingiseni sakudlala.
“Ngangizokwethula umdlalo iHostela e-ECC, wathi uMhlonishwa ngiyazi yini ukuthi ungumlingisi, ngavele ngahleka ngashayela ucingo abaqondisi bomdlalo ngabaxoxela. Bathi angithumele izithombe zakhe ngifike naye bambone, ngakusasa waqala washutha noKhuzani. Indoda esigijime nayo kakhulu le,” kusho uMjosty.
UTzozo obekhulumela inhlangano yabaculi, uthe ubengahlupheki uma kushone umuntu obengakholwa ngoba uLanga ubehlala ebasiza abangcwabele yena ngaphandle kwenkinga.
“Ubesiza ngisho siswele alekelele abantu abangasonti. Ubegqoka wonke amajazi futhi ewushaya wokugcina, angiboni ukuthi kukhona ozofika ezingeni lakhe ngoba ukwaze ngisho ukushaya umasipala waze wamqasha,” kusho uTzozo ehleka.
Le nkozo ebivale ngomuntu emnyango, ibigabe ngamahlaya nendumiso.
Amaciko emkhakha eyehlukene abephume ngobuningi bawo, kukhona abalingisi, abaculi, abasakazi, abadlala izinsimbi nezikhulu zikahulumeni.