KUBIKWA ukuthi owesifazane ugwazwe owesilisa ongumakhelwane wakhe emuva kwengxabano esuswe wukuthi umgilwa unqabe ne-password ye-WiFi router yakhe eWaterloo, eVerulam.
Abezimo eziphuthumayo enkampanini yonogada iReaction Unit South Africa (Rusa) bathi umgilwa oneminyaka engu-37 ugwazwe esiswini kanti ubekade opha kakhulu.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo kwaRusa, uMnuz Prem Balram, uthe umgilwa ulimale kanzima emuva kwengxabano kubangwa ipassword.
Ulandise wathi lendoda ilethwe emahhovisi eRusa imoto iJeep emnyama ilayishwe ezihlalweni ezingemuva yopha.
“Beyikade yopha kakhulu kwazise ibidle amanzi amponjwana. Isichaze ukuthi ingxabano iphenduke yaba udlame emuva kokuthi inqabe ukunikezela nge password yeWiFi router yayo,” kusho uBalram.
UBalram uqhube wathi umgilwa ubatshele ukuthi ugwazwe umuntu wesifazane.
Kubikwa ukuthi umgilwa uxilongwe abosizo lokuqala bakwaRusa ababe sebemphuthumisa nge-ambulensi esibhedlela eyothola ukwelashwa okuthe thuthu.