UGQUGQUZELA abantu abasha ukuthi bafunde uMnuz Nkululeko Zulu (38), owaphoqeleka ukuthi afune umsebenzi eneminyaka ewu-18 ngoba abazali bakhe bengenayo imali yokumkhokhela esikhungweni semfundo ephakeme.
Namhlanje, uZulu ungumnikazi wezitolo zokudla ezimbili iGolden Falcon Spur Steak Ranches eseGold Reef City neRocoGo eseBraamfontein, eGoli.
UZulu utshele Isolezwe ukuthi ukhuliswe wunina obehola uR1 000 ngenyanga, ebondla nezingane zakubo eziyisikhombisa emjondolo eduze kwaseTraining, eNtuzuma.
“Esikoleni ngenze i-maths, biology, business economics nezinye. Ngifunde eNkandla High, Thalaneni High nayo eseNkandla naseDumehlezi ekwaG eNtuzuma. Bengibuye ngiyofunda eNkandla ngoba ngangibuye ngihlale nobaba.
“Sengiqeda u-matric ngaphoqeleka ukuthi ngiyofuna umsebenzi ngoba ingekho imali yokuthi ngifunde. Bengihlanza izindawo zokudlela ngagcina sengiwumpheki,” usho kanje.
Uthe ngesikhathi epheka abanikazi bezitolo zokudlela babebona ukuthi wenza umsebenzi omuhle base bemfaka ohlelweni lokumqeqesha ukuthi abe wumnikazi wesinye sezitolo.
“Ngangingenayo imali yokuqala ibhizinisi kodwa kwaSpur kunohlelo lokuqeqesha abantu ukuze bagcine sebengabanikazi. Usayina isivumelwano nabantu osebenzisana nabo ukuthi bakuxhase bese uyasebenza ebhizinisini. Inzuzo eniyenzayo isuke ikhokhela isikweletu sakho. Uyasebenza nawe ugcine usungumnikazi wesitolo,”
Uveze ukuthi inzikamnotho yango-2009 iyona eyamvula amehlo njengosomabhizinisi ngoba wayekade engazitsheli ukuthi kunezimo zangaphandle ezikwazi ukukhinyabeza ibhizinisi.
“Ngangizitshela ukuthi uma ngisebenza kanzima ngizophumelela kodwa ngesikhathi kuba nenzikamnotho ngabona ukuthi ngizothwala kanzima ngenxa yesimo engingeke ngikwazi ukusilawula. Inzikamnotho yenza abantu bangazikhipha, bonga yonke imali yabo. Ngaleso sikhathi nganginesitolo sakwaSpur eSoweto naseWestville, eThekwini. Inzikamnotho yangikhinyabeza ngalahlekelwa wu-65% wemali engangiyingenisa ezinyangeni ezimbili.”
Uthe okwamgqugquzela ukuthi avuke azithathe ngabantu abamqeqesha, oMnuz Leornard Coetzee obhekele ukusebenza kwezitolo zakwaJohn Dory’s noMnuz Morne Brown onezitolo eziningi zakwaSpur eNingizimu Afrika.
“UMorne noLeonard bangifundise ukubekezela nokuthi ngiziphathe kanjani njengosomabhizinisi. Bangifundise ukubalulekile kokuthi ngonge yonke imali ngoba ngike ngacwila ezikweletini. Yibona abanginike nethuba lokuthi ngifunde njengoba ngingazange ngiye enyuvesi,” kusho uZulu.
Uthe uma engaqala phansi impilo uyafisa ukuya eNyuvesi kodwa-ke akazisoli ngendlela impilo yakhe eyiyo ngoba kuningi akufundile.
“Abantu abasha kufanele bafunde ngoba imfundo ikunika ukuzethemba. Ngisho abantu sebebadala bahlale bekhuluma ngezinsuku zabo zasenyuvesi ngoba kukhona okuthile okwenzekayo uma ufunda. Intsha ayifunde ukuze ikwazi ukuthola amathuba angcono kwezomnotho.”