OBEYIMEYA yoMkhandlu weTheku, uNkk Zandile Gumede, uthe kumphatha kabi ukuthi sekuphele unyaka egqigqa enkantolo kodwa alukho uhlu lwamacala abekwe wona.
UNkk Gumede waboshwa ngoKlebe nyakenye mayelana nezinsolo zenkohlakalo nokukhwabanisa ezithinta ithenda kadoti kaR208 million, kodwa izolo okuvele ukuthi isinyuke yaba nguR389 million.
Khona izolo, inkantolo ike yaguqa okwesikhashana yaphinde yaqhubeka emva kokuthi ummangalelwa ka-13, egulile waze wabizelwa i-ambulensi.
Ekhuluma nabalandeli bakhe ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseThekwini izolo emva kokuguqiswa kwecala njengoba lihlehliselwe u-Ephreli 16 nonyaka, uNkk Gumede uthe ubengafisi ngisho nokukhuluma ngento ebiqhubeka ngaphakathi enkantolo.
“Kahle kahle ngiyaziqinisa njengomuntu owazi uNkulunkulu, asizabalazelanga ukuthi uma sifuna kuphume lona kungena lona esikhundleni kumele wenze into engekho emthethweni. Siphuma enkantolo sekuphele unyaka manje kodwa awakabibikho amacala. Maqabane, ngifisa silinde futhi singathukutheli ngoba yonke into yenzeka ngesizathu, uJehova namadlozi e-ANC ikhona into abafuna ukuyiveza ekugcineni enizoyazi. Okokuqala nje; bekungesiyo imeya ethatha izinqumo. Okwesibili; emnyangweni okhipha amathenda, akukho mina noMondli (Mthembu) lapho sisayina khona. Okwesithathu; baphi abantu abakhipha imisebenzi nabasayinayo? Kungani bengekho enkantolo, kukhona thina?” kusho uNkk Gumede.
ABALANDELI bobeyimeya yoMkhandlu weTheku, uNkk Zandile Gumede, begxoba itoyitoyi ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseThekwini lapho umholi wabo kade evele khona mayelana nezinsolo zenkohlakalo nokukhwabanisa ezithinta ithenda kadoti. Isithombe: Doctor Ngcobo/African News Agency (ANA)
Utshele abalandeli bakhe ukuthi bangazikhathazi ngoba mhlawumbe ukube ababoshwanga ngabe babulawa.
“UJehova akavumanga nathi ngoba namhlanje abekho oqabane uSbu Sibiya noWiseman Mshibe. Abekho nabanye ababulawe ngenkemba, ingani? Uma uke wathi nje ulwela umuntu omnyama ukuthi athole imvuthu uhambile lapha eNingizimu Afrika, kumele umnotho uphathwe ngabantu abathile, abamnyama bangawuphathi. Ngithe uma ngingena eThekwini ngalandela ezicathulweni zikamengameli obekhona ukuthi abantu babuse, ngithi umnotho ezandleni zabantu.Saqhuba izinhlelo eziningi kubalwa nayo indaba kadoti ngoba sifuna abantu bathole amathuba, abasebenzi abebehambisana nathi manje bagqigqa ezinkantolo,” kusho uNkk Gumede.
Uthe uma abantu bevotele uKhongolose kumele bazivune izithelo zalokho. “Yingakho ngisho ukuthi into esiyizele lapha enkantolo nabo abayazi ngiyanitshela, ngoba ngo-Agasti 15, nyakenye basayina ngepeni elibomvu, bathi icala nakanjani lizoqhubeka uma sekubuywa, yabuza imantshi ukuthi bayobe sebelilungele icala, bathi nakanjani. Namhlanje umhlaka 15, mene mene akusenjalo, sebecela ezinye izinyanga ezintathu noma eziyisithupha,” kusho uNkk Gumede.
Abalandeli baNkk Gumede balale ngaphandle kwenkantolo njengoba kade benze umlindelo, belungiselela ukuvela kwakhe enkantolo.
UNkk Gumede uvele enkantolo noMthembu nosomabhizinisi abathintekayo kubalwa nobeyisikhulu sakwaDSW, uMnuz Robert Abbu.
Usihlalo we-ANCYL eThekwini, uMnuz Thembo Ntuli, uthe uyameseka uNkk Gumede noMthembu ngoba uyakholelwa ekutheni abawona amasela.
Uthe ukuboshwa kukaNkk Gumede kugqugquzelwa ezombusazwe.
“Ngifisa ukukucacisa kukhona abezindaba ukuthi ubuholi besifundazwe, kungaba usihlalo uMnuz Sihle Zikalala noma umfowethu uMdumiseni (Ntuli) abaseki muntu njengoba kuyiwa engqungqutheleni yaseThekwini,” kusho uNtuli.
Ophakanyiselwe esikhundleni sikanobhala eThekwini ohlangothini lukaNkk Gumede, uMnuz Musa Nciki, uthe * -89 %, wamagatsha aseThekwini aseshilo ukuthi afuna uNkk Gumede abuye.
Okhulumela iNPA KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson Kara, utshele abezindaba ukuthi ukugasela koKlebe emizini yabanye ababasolwa kuholele ekutheni bathole eminye imininingwane abayisebenzisa ophenyweni. “Ukutholakala kwale mininingwane kudale ukuthi kuqhutshekwe nophenyo,” kusho uNkk Ramkisson-Kara.