UMA kufika indlela entsha yokufunda nokufundisa kuvamise ukuthi iningi labafundi lisalele ngemuva kodwa umfundi obefunda eBonisanani Primary eNtuzuma, kwa-G, ugile izimanga kwiCoding and Robotics esanda kwenziwa kuleli.
U-Abelokuhle Thabethe (12) obenza uGrade 7, wakhe amarobhoti angalawula kalula isiminyaminya emgwaqweni kusetshenziswa ubuchwepheshe besimanje. Lokhu ukwenze ngamasonto amabili vo kulandela ukufunda kabanzi ngokusebenzisa ikhompyutha nogesi kanjalo nokusebenza kwengqalasizinda esebenzisa lesi sifundo.
Ekhuluma naleli phephandaba ngemvume yomzali wakhe, u-Abelokuhle uveze ukuthi ukufika kweCoding and Robotics kugqugquzele uthando lwezezibalo kwazise ugila izimanga nakuzo.
Isifiso esikhulu sika-Abelokuhle ukugxila kwiCoding and Robotics nezibalo aze aphothule u-matric ukuze ezokwazi ukuba unjinyela ngelinye ilanga.
"Bengilokhu ngiphasa kakhulu izibalo ngenzela ukuthi ngikwazi ukuba udokotela kodwa ngashintsha sekufika iCoding and Robotics. Ngiyithandiswe nawukuthi uthisha uShezi uyifundisa kamnandi. Ngifuna ukufunda ngivule inkampani ezokwenza amarobhothi asebenza ngezindlela ezahlukene," kusho u-Abelokuhle.
Uthisha wakhe uMnuz Sandile Shezi uchaze lo mfundi njengonekhono elingajwayelekile nokudinga ukuthi kuqinisekiswe kalishabalali.
"Ngiyafisa athole uthisha ozokwazi ukuqhubeka naye akwazi nokwenza neminye imsebenzi emikhulu. Nokuthola umfundaze wezikole ezinezinsiza ezanele ukuthuthukisa ikhona lakhe," kusho uShezi.
Ephetha, uShezi uveze ukuthi ukusebenza ngokubambisana nozakwabo nothishomkhulu wesikole kwenze ukufaka iCoding and Robotics kwalula eBonisanani.
U-Abelokuhle ugila izimanga nje, isimo sasekhaya asisihle futhi useyakwazi nokubona konke okwenzekayo nokuyisifiso sakhe ukukhula ashintshe isimo abaphila ngaphansi kwaso. Unina uNksz Sabekile Thabethe uveze ukuthi kubanzima nokumtholela umfaniswano wesikole njengoba bephila ngoR510 wesibonelelo sesondlo sikahulumeni.
"Ngithuka ngithole itoho losuku ngikwazi ukuthola ezinye zezidingo zesikole. Isimo sami asingivumele ukuthi ngimfake esikoleni esifanele ngoba anginayo neyokumthengela umfaniswano wesikole. Ngibonga isikole ebefunda kuso nothisha abakwazi ukumkhuthalela bakhombise nezwe ikhono lakhe. Ngiyafisa athole usizo lokufunda aze agogode," kusho uNksz Thabethe.
Lo msebenzi ka-Abelokuhle sewujikeleza ezinkundleni zokuxhumana, abantu abawuvali umlomo bafisa noMnyango wezeMfundo umsukumele ukuze ezoqhubeka enze neminye imsebenzi.