USAGCWELE amathafa osolwa ngokugwaza umfana washona ngaphandle kwesango lesikole eMlaza, ngoMsombuluko ekuseni.
Amaphoyisa asafuna umsolwa ongaziwa, ogwaze uSamkelo Ngiba (19) obengumfundi waseKwazini High obesexoshiwe.
NgoMsombuluko, Isolezwe lizwe ukuthi umufi ugwaze umsolwa kathathu emqaleni ngaphandle kwesikole. Umsolwa wabalekile emva kwesigameko.
Udadewabo kanina kamufi, uNksz Nomathemba Mkhize, uveze ukuthi ngaphambi kokuthi ashone, umufi ubexoshwe esikoleni ngesonto elidlule emva kokuthi ebanjwe nezidakamizwa.
“Esikoleni bathole insangu nephilisi iXanax emasokisini akhe, bamxosha ngoba besola ukuthi udayisela abanye abafundi ngaphakathi.
“Emva kokuhlala izinsuku ezimbalwa engayi khona, ube esebona kungcono azehlise aye ukuyokhuluma nothishanhloko, acele ukubuya ngoba ubesikhonzile isikole,” kuchaza uNksz Mkhize.
Uthe umufi uvuke ekuseni ngoMsombuluko engumuntu ozoya ukuyocela ukubuyiselwa esikoleni, okuyilapho emva kwesikhashana bethole khona umbiko othi mabaphuthume endaweni yesigameko indodana seyigwaziwe.
Uthe yize bengayazi imbangela yokubulawa ngesihluku kukaSamkelo kodwa usola umbango wokudayiswa kwezidakamizwa ngoba emasontweni edlule, uke wadalula ukuthi kunezimpi nabanye abafundi bakusona isikole.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe udaba lusaphenywa, akukaboshwa muntu.