KUBE muncu, kwaqhuma isililo ngesikhathi owesifazane obemi kulayini wabebeyokha amanzi egaywa yiloli lamanzi washona.
Isigameko senzeke eCinci, KwesaKwaMthethwa, eMpangeni, ngoMsombuluko ngezithuba zabo-8 ekuseni.
Kusolakala ukuthi umufi, uNksz Nomvula Mdluli (28), ubemi eduze neloli lamanzi ngesikhathi kuphushwana abantu befaka izigubhu emapayipini bekha amanzi. Kuvela ukuthi kuthe ngesikhathi isisuka ihamba iloli yamanzi, imhudule yamfaka ngaphansi kwesondo langemuva uNksz Mdluli, yamgxoba washonela endaweni yesehlakalo.
Ilungu lomndeni kamufi, uNksz Nonhlanhla Mlungwana, lithe akukhulumeki ngalesi sehlakalo, lakhala ngokuthi iseyinselelo indaba yokuntuleka kwamanzi kulo mphakathi.
Uthe umufi ushiye emhlabeni abantwana abane, abaneminyaka ephakathi kuka-12 nemibili.
“UNomvula ubephuthuma ukufaka ipayipi esigujini ngokushesha ekha amanzi eseduzane neloli. “Abantu bebebaningi ngoba nezikole zivaliwe. Abantu bebephuthuma bekha amanzi ngoba uma umuntu emgejile, uyoze awathole ngesonto elilandelayo,” kusho uNksz Mlungwana.
Ikhansela lendawo, uMnuz Mziwakhe Gumbi, lithe zisazokwenzeka izigameko ezifuze lesi uma ingasukunyelwa inkinga yokuntuleka kwamanzi kule ndawo.
“Iyabangwa imoto yamanzi uma ifikile. Iyasikhathaza le nto yokukhiwa kwamanzi elolini elilodwa, kanye,” kusho uGumbi obesemndenini kamufi.
IMeya kaMasipala iMfolozi, uMnuz Xolani Bhengu, ichaze lesi sehlakalo njengesibe yishwa futhi esiwushaqisile umphakathi, sashiya isimo simuncu.
UBhengu uthe iloli ebizothela amanzi ethangini ngekasonkontileka ozimele, osebenza ngaphansi kukaMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo.
Udlulise amazwi enduduzo emndenini, ezihlotsheni nasemphakathini wonke ngokudlula emhlabeni kukaNksz Mdluli. Uthe umasipala wabo nowaseKing Cetshwayo bayazibophezela ukuthi bazozithwala zonke izindleko aze angcwatshwe umufi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe kuphenywa icala lokushona komuntu esiteshini samaphoyisa KwaMbonambi.
ULt Col Gwala uthe amaphoyisa abizelwe endaweni yesehlakalo lapho efike akhonjiswa khona owesifazane oshayiswe yiloli lamanzi washona.