KUVELA ukuthi ushadelwe futhi unezingane ezimbili azishiye nenkosikazi yakhe emakhaya eXobho, owesilisa othweswe uxhaxha lwamacala okudlwengula abantu besifazane ehostela eGlebelands eMlaza.
UMnuz Khethani Khuboni (31) uvele okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseMlaza ngoLwesine kanti ubonakale efake indandatho emunweni.
Ubhekene namacala angu-18 okudlwengula abantu besifazane abehlukene esebenzisa indlela efanayo.
UMbuso ungase wengeze amanye amacala okungawokuthumba nawokuphanga uma esecela ibheyili ngenyanga ezayo.
Umsolwa uboshwe ngesikabhadakazi ngoLwesibili endlini amaphoyisa athe ubebhace kuyona ehostela eGlebelands, eMlaza.
Kuthiwa uKhuboni ubefunwa amaphoyisa kodwa isehlakalo sokudlwengula, okuthiwa senzeke ngempelasonto, yisona esiholele ekuboshweni kwakhe.
Umshushisi uMnuz Khulekani Mzotho usho zisuka wathi uMbuso uzosiphikisa isicelo sebheyili sikaKhuboni.
Uthe lokhu bakwenza ngenhloso yokuphephisa abagilwa abamangalele uKhuboni
“Iningi labagilwa, bonke okungabantu besifazane, liyamazi umsolwa. Kukholakala ukuthi umsolwa ubekade esebenzisa izindlela eziningi ezihlukene eyenga ngazo abagilwa bese eyabadlwengula,” kusho uMzotho.
Emuva kokuthi imantshi ifundele uKhuboni uhla lwamacala asolwa ngawo nokuthi wawenza nini, le ndoda ibe isidlana indlebe nommeli wayo wamahhala.
Ummeli utshele inkantolo ukuthi uyalelwe uKhuboni ukuthi ufuna ukucela ibheyili.
Isolezwe lihoshe ngomthombo walo ukuthi uKhuboni akasebenzi, uhlala ehostela futhi ushadelwe unezingane ezzimbili eXobho. Ehostela kuthiwa ubehlala nentombi Isolezwe elithole ukuthi ikhulelwe.
Kuthiwa ubefike ayenge abesifazane bese eyabadlwengula abaphange amaselula abo.
Enkantolo kuvele ukuthi icala lokuqala lenzeka ngoDisemba 11, 2021. Usolwa ngokudlwengula abesifazane ababili ngosuku olulodwa ngoDisemba ngonyaka odlule.
UKhuboni usolwa ngokudlwengula abesifazane abathathu kule nyanga kanti kuthiwa wadlwengula oyedwa ngenyanga efanayo ngonyaka odlule.
Beyibukeka izikhululekele le ndoda ebifaswe ngozankosi ngesikhathi iqhutshwa amaphoyisa iphuma nangesikhathi ibuyiselwa esitokisini. Ngisho eseshuthwa ubengazifihli ubuso kodwa ezifakele isigqoko asikhumule esengaphakathi enkantolo.
Ngaphakathi enkantolo bekukhona owesifazane abonakale ekhuluma naye esephuma enkantolo baze bahambisana baze bakhuzwa amaphoyisa ukwathiwa owesifazane akabuyele eceleni.
Owesifazane ubebonakala ekhathazekile, yize bekungacaci ukuthi ubefunani kumsolwa kodwa kubonakale sengathi bebengavumelani enkulumeni yabo.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ukuthi abanye abagilwa ubebaheha ezinkundleni zokuxhumana. Ngaphambi kokuthi aboshwe kuthiwa utholwe neselula yowesifazane amaphoyisa aveze ukuthi ubemdlwengule ngeSonto ebusuku. Umbiko wamaphoyisa uveze ukuthi owesifazane uqale ukuxhumana naye kwi-internet base bexoxa bavumelana ngokuthi bazohlangana. Sebehlangana baya enkundleni esehostela eGlebe lapho umsolwa kuthiwa waba nodlame wadlwengula owesifazane. Emuva kwesigameko umsolwa wathatha iselula kamgilwa wamnika i-sim card yakhe.
Icala lihlehliselwe uSepthemba 5 nonyaka ukuze acele ibheyili.