BASOLA amaphoyisa ngokudonsa izinyawo ngophenyo lokushona kukaMnuz Muzi Gumede (68) owagaywa yiloli lamanzi likaMasipala weTheku, ngoDisemba 17 nonyaka.
Indodana kamufi uMnuz Sphelele Gumede waseMadundube, eMbumbulu, ithe kufana nokuthela upelepele esilondeni kubona ukuthi namanje abakezwa lutho emaphoyiseni ngokuqhubekayo ngokushona kukayise.
“Namanje akunamnyakazo owenzekayo ngalolu daba, ekubeni thina salahlekelwa yilungu lomndeni wethu ngesihluku esinje.
“Kuthulekile nje. Amaphoyisa, wuMasipala weTheku nomlisa owashayisa ubaba ngeloli basawuhlabe inhlali namanje,” kubalisa uMnuz Gumede.
Elandisa Isolezwe ngokushona kukayise, obenezingane ezinhlanu, uthe wayezihambela endaweni njengenhlalayenza, kwaqhamuka iloli esikhaleni nje, lamshayisa, lahamba phezu kwakhe ngamasondo.
“Indlela alimala ngayo yakhombisa ukuthi iloli lalimshayise ngengaphambili lalo. Laze lahamba phezu kwakhe ngoba wayeshayeke kabi esiswini, amathumbu aphumela ngaphandle.
“Kubuhlungu kakhulu okwenzeka kithina, ngakho sifisa umthetho wenze ubulungiswa ngokushesha,” kunxusa uGumede.
Kuthintwa okhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela, wale waphetha ukuphawula ngalolu daba, ezeseka ngokuthi njengoba selwenganyelwe ngabomthetho, kufanele kuthintwe wona ngalo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe kuphenywa icala lokubulala ngokungenhloso malungana nalolu daba. Uthe imbangela yokushona kukaGumede ngale ndlela, ayikaziwa okwamanje.