UMSOLWA wesibili ecaleni lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates, neBafana Bafana uSenzo Meyiwa, uveze ukuthi ufuna ukufaka isicelo sebheyili ngesikhathi bevele enkantolo nabanye abasolwa.
Lokhu kudalulwe ngummeli uMnuz Thabo Thobane, omele abasolwa nobekade esizwa ngu-Advocate Malesela Teffo.
Ngemva kokuba uThobane edalule izinhloso zomsolwa wesibili enkantolo, iJaji uTshifhiwa Maumela lisamukele isiphakamiso. Lithe umthetho-sisekelo uyakuvuma ukuthi umsolwa afake isicelo sebheyili uma ezwa ukuthi uyayidinga futhi kubalulekile ukuthi silalelwe ngokushesha.
Uveze ukuthi inkantolo kuzomele ithole isikhathi esingaphambi kokubuyela kwecala enkantolo njengoba ngesikhathi ligcina, kwakuthiwe lihlehliselwa uSepthemba 5.
Ngaphambi kokuthi liguqe icala, kube khona ukuhilizisana phakathi kukaMaumela noThobane.
UThobane uveze ukuthi kwaba nephutha elenzeka ngesikhathi liguqiswa icala lapho kwavela ukuthi abasolwa abane abasenaye ummeli ngemva kokulaxazwa nguTeffo. UThobane ubezama ukuchaza ukuthi ukushiya kukaTeffo, kwakungasho ukuthi naye akasekho.
UMaumela akafunanga nokuyizwa into ebishiwo nguThobane, ethi iphutha lokuqala alenzile ngalolo suku nangezinye ukuthi uyanyamalala ngaphandle kokubika ukuthi ngeke abekhona enkantolo uma kungena icala.
“Ngaleyo ndlela awukwazi ukuthi ungafika manje uzothi kukhona iphutha elenzeka ngokusuku owangekho ngalo enkantolo futhi ungabikele muntu ukuthi awuzi,” kubhoka uMaumela.
UThobane uxolisile ngesenzo sakhe, wathi ngeke siphinde senzeke.
UTeffo ubengabonwa nangokhalo enkantolo yize bekubhekwe ngabomvu ukuthi atheleke ngemva kwencwadi ayibhala ngeledlule eveza ukuthi ufuna ukubuya azomela abasolwa kodwa wabeka imibandela ethize. Kuleyo ncwadi uTeffo wenza izinsolo ezishaqisayo ngoMaumela, emninda ngezinsolo zokusebenzisa umuthi.