UDUDUZANE Zuma uthi nakuba eyinsizwa enogazi olumangalisayo kodwa akalona isoka lamanyala elipheka lithulula ezintombini.
UDuduzane, oneminyaka engu-36 ubudala uzalwa wuMnuz Jacob Zuma obengumengameli wezwe.
Unina nguKate Mantshoongasekho kanti uyiwele noDuduzile Zuma.
Le nsizwa ethathwa njengegeza elithandwa yizintombi, ibe nengxoxo nesiteshi somsakazo iGagasi FM, ohlelweni lwantambama iThat Drive, lapho exoxe khona ngogazi lwakhe olumangaza abaningi.
Konke lapho ehamba khona siyasuka isidumo, abantu bethatha naye izithombe, bebhala nasezinkundleni zokuxhumana ukuthi bayazifela ngale nsizwa.
Okunye okubuye kumdonsela amehlo wubugcokama bakhe njengoba ehlezi egqoke izimpahala zekhethelo ezimfanelayo.
Uveze ukuthi uzalwe eMaputo, eMozambique ngezikhathi zomzabalazo, uke wathi xinti eZimbabwe nakwamanye amazwe.
Uganwe wuSharine Stork abophe naye ifindo ngo-2015 emshadweni owawusezingeni eliphezulu.
Uzichaza njengosomabhizinisi womhlaba, ozama konke okusemandleni ukuphumelela. UDuduzane ugxile eDubai lapho okuthiwa uqhuba khona amabhizinsi akhe.
‘’Ngiyajabula kakhulu ngendlela abantu abangithanda ngayo. Kuyangigqugquzela ngaso sonke sonke isikhathi. Bakhona engike ngibone ukuthi abanginambithisisi kahle kodwa bayingcosana, angibanaki.
“Kangiyena umuntu oyisigangi noma isoka. Ngiyinsizwa nje eziphilela impilo yayo,’’ kusho uDuduzane obephoswa imibuzo ohlelweni.
Uyinsizwa ekhuluma ngezwi eliphansi nesiNgisi esipholishekile, ebuye ishaye amancokwana uma iphendula imibuzo.
Uveze nokuthi akasiboni isimanga kangako ngendlela abukeka ngayo futhi akalindele ukuphathwa ngendlela ehlukile kwabanye abantu besilisa. Uphawulile nangokuzalwa wuZuma nezinto ezike zibikwe ngaye kwabezindaba, ezibuye zingahlali kahle kuyena.
‘’Ngifisa abantu bangikhumbule njengendoda nje eke yaphila emhlabeni. Ngeke ngiphawule kakhulu ngendlela engibukeka ngayo ngoba ngiyimi njengoba ningibona nje.
Isibongo sami sike singithwese ubunzima, kwesinye isikhathi singivulele amasango kwezinye izindawo,’’ kuchaza uDuduzane. Ugazi lwakhe luphinde lwagqama kamuva ehambele imigubho ye-ANC lapho abantu bebemngunga angabe esakwazi nokudlula.
Bekungaqali lapho, uke wahlanyisa izintokazi zeDA ezazizombhikishela, zashiya phansi izingqwembe zacela ukushutha naye.