UMBIKO kadokotela wesibili ohlole uMnuz Zandile Mafe, osolwa ngokushisa iPhalamende, uveza ukuthi ngeke akwazi ukuqula icala ngenxa yesimo somqondo.
UMafe ubhekene namacala ahlanganisa elokugqekeza, ukushisa, ukuvukela umbuso, nokweba. Udaba lukaMafe luqulwa eNkantolo eNkulu eWestern Cape, engekho yena ngenxa yokuthi bekungahambeki kunesiteleka.
Egcina ukuvela enkantolo uMafe, wethusa abaningi evuka indlobane ememeza enkantolo evuma ukuthi nguyena owashisa iPhalamende ngoba akanelisekile ngendlela izwe eliphethwe ngayo. Wathi iPhalamende alithuthe liye ePitoli, noma eBloemfontein. Wayefunga egomela ukuthi uzolishisa futhi akanandaba noma angagwetshwa udilika jele.
Phambilini uMafe wathunyelwa esikhungweni sokuhlola ingqondo, lapho ahlala khona izinsuku eziwu-30 ehlolwa, kwabuya umbiko wokuthi unokuphazamiseka. Ithimba labameli bakhe lathi lifisa ukuthola omunye udokotela amhlole kahle ukuze bezwe omunye umbono.
Emuva kokwenekwa kombiko wesibili, inkantolo ithe kufanele ithathe isinqumo ngodaba yabe isiluhlehlisela kuSepthemba 1, ukuze abameli bathole ithuba lokwenza izethulo ngabafisa kwenzeke. Kuthiwa uMafe ugcinwe esibhedlela esisejele iPollsmoor, ngenxa yesimo somqondo.