AMAPHAPHU aphezulu emphakathini waseMgangeni, eMzinto kulandela ukudlwengulwa kwezaguga ezimbili. Kunezinsolo zokuthi zidlwengulwe ngabafana bendawo abaziwayo nabasatshwayo.
Esinye salezi zaguga esikhulume naleli phephandaba, esidlwengulwe emasontweni ambalwa edlule silandise sathi: “Bekungu-8 ebusuku ngizikhanyisele amakhandlela kodwa ngingakashudi emnyango.
“Bengingazitsheli ukuthi kungase kwenzeke lokho ngoba angikaze ngiphazanyiswe muntu njengoba ngizihlalela ngedwa.”
Lesi saguga esisebenzisa udondolo uma sihamba, sithe umsolwa owasidlwengula simazi kahle sasimbona kahle nangalolo suku.
Sithe uyindodana yowesifazane wasendaweni.
“Lo mfana wafika egulukudela engazange angqongqoze. Wayephethe amabhodlela amabili kabhiya ezandleni zombili,” kusho lesi salukazi.
Sithe lo mfana akazange apholise maseko esengenile, wathi asikhumule.
“Ngaqale ngazitshela ukuthi uyazidlalela noma uzidakelwe njengoba ayephethe amabhodlela ezandleni zombili. Kodwa esengiklinya ngabona ukuthi uzongibulala,” usho njalo.
Esekhumulile uthe umsolwa wazitika ngaye ngocansi kwaze kwaba phakathi kwamabili.
“Wayengidlwengula abuye aphumule aphuze obhiya ayebaphethe,” echaza.
Ngokwalesi salukazi, kwahlula noma sesithi umsolwa akangasiqabuli ngoba umnukisela ngogwayi kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Sithi wayesiqabula ngenkani enza yonke imigilingwane yocansi.
Ngemuva kwalesi sigameko, lesi saguga sithi sigulele ukufa ngoba besingakwazi ukuhamba amasonto amabili.
“Intamo yami yayibuhlungu ngendlela exakile ngingakwazi nokuyijikisa. Emqaleni ukudla bekungehli,” usho njalo.
Ngenkathi umsolwa esehamba, uthe waqhosha ngokuthi unina uyaziwa endaweni, noma engayovula icala, ngeke aboshwe.
“Wathi uma ngiyovula icala, ngizothi ngibuya ebe efikisana nami ekhaya ngoba yena ngeke aze aboshwe,” kuzikhalela lesi salukazi.
Lesi saguga sithe lesi sehlakalo asikwazanga ukuyosibika emaphoyiseni, besithembele enduneni yendawo ukuthi isisize sixhumane namaphoyisa.
Induna yaseMgangeni uMnuz Mdu Ngcobo ikuqinisekisile ukuthi isalukazi silubike kuyena udaba.
“Ngahamba ngayobika emaphoyiseni aseHighflats naseXopo ngalolu daba.
Ukuthi kwenzekani ngalo, sekuyiwona amaphoyisa angachaza.”
Akakwazanga ukuqhamuka nempendulo ecacile ukuthi yini eyenza ukuthi angasizi isalukazi siyothola ukwelashwa esibhedlela asiyise nasemaphoyiseni.
“Njengoba ngisho nje ukuthi konke ngakubika emaphoyiseni, bengithi yiwona azoqhubeka nodaba.”
Uthe wawubiza umphakathi wakule ndawo ewazisa ngalesi sigameko esenzekile.
Ngesikhathi leli phephadaba lizama ukuthola eziteshini zamaphoyisa okuthiwa athintiwe, anqabile ukuphawula athi akukhulunywe namaphoyisa ezingeni lesifundazwe.
Ngesikhathi sokuloba okhulumela amaphoyisa eKZN, uColonel Thembeka Mbele, uthe basaxhumana nalezi ziteshi okuthiwe kubikwe kuzona ukuthola kabanzi ukuthi kwenzekani.
Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Mhlaba Memela, uthe bahlale bewukhuthaza umphakathi ukuthi babavumele abadala bezohlala emakhaya abadala angaphansi kwalo mnyango.
“Lokhu sikwenzela ukuphepha kwabo, ikakhulukazi labo abahlala bodwa,” kusho uMemela.
Uthembise ukuthi bewuMnyango bazothumela osonhlalakahle kulesi saguga ukuze sisheshe sithole ukusizakala ngayo yonke indlela.