KUHLWE emini kuMnuz Sihle Dlamini ngesikhathi iNkantolo yeMantshi yaseDundee imgixabeza ngodilikajele ngecala lokusoconga ikhansela le-NFP, uNksz Nompumelelo Zondi (38).
Isidumbu sikamufi satholakala emotweni iduma ngoMashi 15 wango-2016 ngaphandle kwendlu yakhe eMsinga.
Kwavela ukuthi wabulawelwa ivoti lakhe ngesikhathi kuzokhethwa iMeya entsha kuMasipala waseMsinga.
Kwavela nokuthi wasocongwa ngemuva komhlangano wamakhansela owadonsa usuku lonke.
Ngo-2018 kwajutshwa ithimba labaseshi ukuba liphenye kabanzi ngokusocongwa kwakhe.
Ithimba labaseshi kusukela ngalowo nyaka belenza konke okusemandleni ukuthola umsolwa, laze laphumelela ngonyaka odlule. Ngokobufakazi obusenkantolo, amanyela eminwe atholakala ngaphandle kwemoto kamufi yiwona aholela ekutheni kutholakale umbulali.
Ngaphambi kokuthi ijaji liwise isigwebo, uMshushisi u-Advocate Elvis Gcweka unxuse inkantolo ukuba imgixabeze ngesigwebo esinzima umsolwa kwazise wabulala inzalabantu.
Lokhu uMshushisi uthe kuzodweba isithombe esicacile nakulabo abacabanga ukubulala abanye abantu egameni lezepolitiki.
“Ukubulawa kwabantu egameni lezepolitiki yinto esijwayelekile. Ngakho kumqoka ukuba kunqandwe ngokuthi bajeziswe labo abasekhaleni lakho,’’ usho kanje.
Uthe ukuphenduka insakavukela kokusocongwa kosopolitiki yikhona okwaholela ekutheni ungqongqoshe wamaphoyisa asungule ithimba elibhekelele ukubulawa kosopolitiki.
Udalule ukuthi uDlamini wayekade ekhokhelwe u-R2500 ukusoconga umufi.
IMantshi u-AJ Fererra ichaze uDlamini njengomuntu owakhetha ukukhipha umphefumulo egameni lezepolitiki.
Uthe abantu abafana naye akufanele babe semphakathini, wamchaza njengezambane elibolile.
Uthe inkantolo kungumsebenzi wayo ukuqinisekisa ukuthi abantu balolu hlobo bayasuswa emphakathini.
Uyise kamufi uMnuz Msawenkosi Zondi ulishayele elikhulu ihlombe ithimba labaseshi elajutshwa ukuqhubeka nophenyo.
Uthe bungehla ubugebengu ezweni uma bonke abaseshi bengasebenza ngokuzikhandla nangokwethembeka njengalaba ebebebhekelele leli cala.
"Ngijabule kakhulu ngesinqumo esiphume lapha enkantolo. Ngiyalibonga kakhulu nethimba labaseshi okuyilona elenze umsebenzi omuhle ukuqinisekisa ukuthi lo wesilisa ubhadla ejele," usho kanje.
Uthe noma ingeke isabuya indodakazi yakhe emhlabeni kodwa ubulungiswa obenziwe yinkantolo yibona obumthoba amanxeba.