UMNDENI ubonge ezomthetho inkantolo igweba udilikajele indoda eyabulala ngokudubula owayengumsebenzi wase-Independent Media ngoSepthemba, 2021.
IMantshi uRavi Pillay weNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngoLwesihlanu, igwebe uLethukuthula Ngwenya (24) udilikajele neminyaka engu-15 ngecala lokubulala nelokuphanga kusetshenziswa indlakadla.
Wabulala uMnuz Bongumusa Prince Mavuso (42) endaweni eyimpophoma eNanda.
Kuthiwa uMavuso wayehambisa ngemoto yakhe umelaphi nabantu ababili beyogezwa emfuleni. Sebesemfuleni, uMavuso kuthiwa wakhala ngokungazizwa kahle wase ebuyela emotweni eyophumula.
Kuthiwa uNgwenya waqhamuka namadoda amabili behlome ngezibhamu abakhomba ngazo uMavuso owalahla phansi iselula nesikhwama semali.
Kuthiwa uNgwenya wadubula uMavuso base beshaya bechitha nemoto yakhe.
UNksz Nonhlanhla Mavuso ongudadewabo kamufi, uthe bayawubonga umthetho kusukela ekuqaleni icala liphenywa nangendlela eluqulwe ngayo kwaze kwaba uyagwetshwa uNgwenya.
“Siyasamukela isigwebo, kuyasho ukuthi umthetho ukhona futhi uqinile. Isigwebo sizomenza asikhokhele isenzo sakhe esimbi futhi afunde kusona nabanye abebekade becabanga uwenza amacala afuze leli,” kusho uNksz Mavuso.
Umshushisi, uNksz Kaystree Ramsamujh, uthe ngokolwazi alutholile emndenini, uMavuso ubeyinsika yekhaya, ingoduso nezingane zakhe ezintathu bebheke yena.
Enkantolo umshushisi usebenzise nobufakazi obethulwa ngababekade benoMavuso emfuleni ngelanga ahlaselwa ngalo.
UMavuso wasebenza kusukela ngo-2007 e-Independent Media.