USHAQEKILE umphakathi kutholwa isidumbu sowesifazane sivalelwe endlini abeqashe kuyo eMayville eThekwini ngoSuku lweziThandani, sinqunyiwe sinamanxeba okugwazwa okusolwa ukuthi ubulawe yisoka nalo elitholwe kubo lizilengisile.
UNksz Fundisile Dladla (26) waseBhamshela isidumbu sakhe esitholwe ngoMsombuluko, kusolwa ukuthi ugwazwe wabulawa yisoka lakhe uMnuz Siphamandla Mgenge (29) waseMpangeni kwesaKwaMthethwa okuthiwa bebesanezinyanga ezimbili kuphela bethandana, naye isidumbu sakhe esitholwe ngawo uMsombuluko silenga endlini kaninalume eSikhaleni okusolakala ukuthi uzibulele.
Lezi zithandani kuthiwa beziqashe emzini owodwa khona eMayville kodwa zihlala ngokwehlukana.
Udadewabo kaFundisile, uNksz Nomvelo Dladla uthe uthole ucingo obelumazisa ngosekwenzekile eseMgungundlovu lapho esebenza khona.
“Ngigcine ukukhuluma naye ngoMgqibelo ntambama emva kwalokho ucingo lwakhe belungasangeni. Abahlala naye bathe umufi wayehambe naleli soka beye ephathini eyayiseBlue Lagoon ngoMgqibelo babuya ebusuku, engisola ukuthi uFundisile wabulawa ngawo wavalelwa endlini,” kusho uNksz Dladla.
Kuthiwa ukufika komyalezo kuthuse amalungu omphakathi ayobheka endlini kaFundisile.
Umasitende walapho bekuqashe khona lezi zithandani uNksz Gugu Machi, uthe uvuswe ucingo ngoMsombuluko obeluvela kumalume wesoka likamufi emtshela ukuthi litholakale lizilengisile endlini.
“Umalume womfana ucele ngifonele amaphoyisa ngiyovula endlini yentombi, ngingavuli ngihamba ngedwa. Kungethusile lokho, ngithe uma ngiyobheka endlini ngathola kukhiyiwe, kanti nakweyomfana kwakukhiyiwe. Ngiye kobuza ezinganeni zakubo kwentombazane ukuthi ziyigcine nini, ngazixoxela ngocingo engilutholile nokuthi isoka layo kuthiwa lizibulele,” kusho uNksz Machi.
Uthe ngesikhathi ebatshela, bazame ukumfonela uFundisile, kodwa ucingo lwakhe belusavaliwe okuvele kwacaca ukuthi kukhona okumehlele. Uthe uzamile ukulinda amaphoyisa, kodwa ngenxa yokuthi amalungu omphakathi abethukile, elinye lawo liqonde endlini kaFundsiile labulala iwindi lalunguza, emva kwalokho lababaza isihluku abulewe ngaso, kwaqhuma isililo.
“Ngiyasiqala isihluku esinje. Ubegencwe ekhanda, enamanxeba okugwazwa esifubeni kanti ebusweni ubethelwe ngegazi eshuthekwe isidwedwe emlonyeni nasemakhaleni. Isidumbu besidindilize echibini legazi,” kuqhuba yena.
Umfowabo omncane kaMgenge, uMnuz Lindokuhle Shobede naye ohlala kuyo le miqasho, uthe lesi sigameko sibashaqise kakhulu.
“Bengisekhaya eMpangeni, sashaqiswa ukuthi uSiphamandla usefike wazilengisa ngeSonto ntambama endlini kamalume. Besisamangazwe yilokho singakwazi ashiye ekwenzile, kodwa ngaphambi kokuthi azibulale uhlebele omunye umfana wasendaweni ngashiye ekwenzile eThekwini, okuyilapho umalume eshaye khona ucingo exhumana nomasitende efuna kubhekwe endlini yentombazane,” kusho uShobede.
Uthe ubewumuntu othulayo, futhi ubengakaze abezwe bexabana nentombi yakhe, ngakho badidekile ngokuthi yini eholele ekutheni akhethe ukuyibulala.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLietenant Colonel Nqobile Gwala uthe kuphenywa icala lokubulala esiteshini samaphoyisa eCato Manor.
“Isidumbu sowesifazane sitholwe sinamanxeba okugwazwa endlini,kanti esikamsolwa sitholwe silenga eMandlankala eSikhaleni ngoMsumbuluko ntambama. Zombili lezi zigameko ziphemnywa amaphoyisa, ” kusho uLietenant Colonel Gwala.