AKASAZI ukuthi kumele enzenjani owesilisa waseSavannah Park osekuphele izinyanga elinde impesheni yakhe kwaSouth African Social Security Agency (Sassa).
UMnuz Sipho Makhaye (63) utshele Isolezwe ukuthi wathola ukuthi kunomuntu onemininingwane efana neyakhe ngesikhathi eyofaka isicelo sempesheni yobudala.
Akathandanga ukuthathwa isithombe ngoba esaba ukuthi angase ahlaselwe.
“Ngatshelwa ukuthi kunomuntu ohola impesheni onemininingwane efana neyami. Ngayalelwa ukuthi angibhale isitatimende esifungelwe emaphoyiseni esichaza konke ngami. Ngaphinde ngayalelwa ukuthi kufanele ngiye emahhovisi oMnyango wezaseKhaya aseNdwedwe ukuze ngilungise udaba lwami. Ngaya nakhona ngathathwa amanyela eminwe kwathiwa udaba lwami luzolungiswa. Ngabuyela emahhovisi akwaSassa eChatsworth nakhona bathi bazolulungisa udaba lwami,” kuchaza uMakhaye.
Uthe ngoFebhuwari udaba lwakhe lwabhaliswa ngokusemthethweni kwaSassa eChatsworth kwathiwa uzoyithola impesheni yakhe ngo-Ephreli.
Kuthe uma sekuqala ukuholwa izibonelelo zabadala naye walinda ukuthi uzosithola esakhe kodwa lutho.
Ubuyele emahhovisi akwaSassa eChatsworth lapho etshelwe khona ukuthi isibonelelo sakhe singene kumuntu onemininingwane efana neyakhe.
“Angisazi ukuthi kufanele ngenzenjani ngoba ngikwenzile konke obekuthiwe angikwenze kodwa namanje imali yami angiyitholi. Ngiyafisa ukuthi kungenelele abaphethe kwaSassa ukuze ngisizakale,” kusho uMakhaye.
UNksz Sandy Godlwana oyisikhulu sezokuxhumana nokukhangisa eSassa KwaZulu-Natal, uthe njengoba sekucacile ukuthi kunabantu ababili abanemininingwane efanayo, bazocela umuntu oseNdwendwe ukuthi athumele umazisi wakhe bese bewudlulisela eMnyangweni wezaseKhaya.
Emuva kwalokho kuzobe sekubhekwa ukuthi wubani ofanele ukuhola impesheni yobudala.
Kuzokhulunywa nabo bobabili abanemininingwane efanayo.
Lokhu uthe kuzonika iSassa ithuba lokubhekisisa imininingwane yabantu futhi ikwazi nokuxhumana noMnyango wezaseKhaya ukuqinisekisa ukuthi ngabe izinamba zomazisi zifana ngempela yini.
Uthe uma kuwukuthi umuntu othola impesheni njengamanje ubengafanele ukuyithola, uphiko lwakaSassa oluphenya inkohlakalo luzobe selulandela imigudu efanele lubhalise icala ezinhlakeni zomthetho.
Uthembise ukuthi bazolusukumela lolu daba futhi abakwaSassa eChatsworth bazothinta uMakhaye namuhla ukuqinisekisa ukuthi isicelo sakhe sihamba kahle.