Akazange awuthamele umcimbi wokugcotshwa kukaMengameli Cyril Ramaphosa, uMnuz Nqabayomzi Kwankwa, iPhini likamengameli we-UDM emuva kokuthunjwa ngoLwesibili ntambama.
UKwankwa oyilungu lePhalamende elimele i-UDM, uthunjwe ngabalisa abangaziwa ngesikhathi elibangise esikhumulweni sezindiza eKapa, ubelibhekise ePitoli lapho bekunomcimbi wokugcoba uRamaphosa ezindlini zoMbuso obuyizolo.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Novela Potelwa, uthe uKwankwa (44), ubanjwe inkunzi waphucwa imoto eseDriftsands ngoLwesibili ntambama.
“Bamthumbe base bemlaxaza eLingelethu West, eKhayelitsha. Ube eseya esiteshini samaphoyisa eyobika ngokumehlele. Imoto yakhe itholwe khona eKhayelitsha.”
Uthe akukaboshwa muntu ngalesi sehlakalo, uphenyo luyaqhubeka.
Umengameli we-UDM uGeneral Bantu Holomisa, uthe uKwankwa ubanjwe wathunjwa ngesikhathi eya esikhumulweni sezindiza.
Uthe abathumbi bafune uR10 000 ukuze bamdedele.
“Siyi-UDM siyikhokhile le mali ukuze abuye ephephile. Ubethukile, eqhaqhazela. Bathathe zonke izinto zakhe okubalwa nemoto,” kusho uHolomisa.
Uthe bayajabula ukuthi usindile kulesi sehlakalo.
Ubalule ukuthi bamyalele ukuthi aphumule ekhaya.
IPhalamende lizwakalise ukukhathazeka ngalesi sehlakalo.
Isitatimende sePhalamende sinxuse abomthetho ukuthi baphenye kabanzi ngalesi sehlakalo ukuze kubanjwe abenzi bobubi.
“Simbeke emkhulekweni uKwankwa kulesi sikhathi esinzima. Simfisele ukuthi asheshe alulame ekhaya emva kwalesi sehlakalo,” kusho isitatimende sePhalamende.
UHolomisa uthe umndeni kaKwankwa wazisiwe ngokwenzekile wathi kwayena uyaxhumana namaphoyisa.
“Siyashaqisa lesi sehlakalo futhi siyasigxeka kakhulu,” kusho uHolomisa.