UBushiri nowakwakhe bazobuyiswa kuleli
INKANTOLO yemantshi eMalawi inqume ukumdedela uMfundisi Shepered Bushiri nenkosikazi yakhe uMary ababoshwe kulandela ukuzinikela emaphoyiseni ngoLwesithathu.
NgoLwesine iMantshi uViva Nyimba ithe ukuboshwa kwalaba bashadikazi bekungekho emthethweni wayalela abomthetho ukuthi badedelwe ngaphandle kwebheyili.
UBushiri ubexwayisiwe ukuthi kwashaya usuku lwayizolo engabuyilie eNingizimu Afrika kunempahla yakhe ezodliwa njengomuzi wakhe kaR5.5 million oseCenturion.
“Ilungelo lempilo libaluleke ukudluka noma yini ephathekayo kulo mhlaba,” kusho uBushiri esitatimendeni asifake ekhasini lakhe kuFacebook kulandela isinqumo senkantolo izolo.
Ungqongqoshe wezoBulungiswa kuleli uMnuz Ronald Lamola, uthe uhulumeni waseNingizimu Afrika uzokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi uMfundisi Shepherd Bushiri nenkosikazi yakhe bayabuyiswa kuleli ukuzobhekana namacala.
ULamola uveze lokhu izolo ngesikhathi ephendula ngezinqumo ezithathwe yiKhabhinethi emhlanganweni wangoLwesithathu.
“Ngokomgomo weSouth African Development Community (SADC), ukuthunyelwa kwamaphepha agunyaza ukuthi kubuyiswe owokufika oboshwe ezweni lakubo ngamacala awenze kwelinye izwe, kuthatha izinsuku eziwu-30 ukusuka osukwini aboshwe ngalo kulandelwa yonke imigudu ebekiwe. Kodwa ezobulungiswa kuleli zifake isicelo kwezobulungiswa zaseMalawi, kwavunyelwana ukuthi amaphepha athunyelwe emasontweni amabili ngenxa yokuphuthuma kodaba,” kusho uLamola.
Uthe uhulumeni awufuni ukuqagela ngendlela eyasetshenziswa abakwaBushiri ukweqa kodwa uthembele ophenyweni olwenziwayo okuyilo elizoveza konke ngokweqa kwabo.
“Ukusebenza ngobuqotho kwezobulungiswa kuleli akungabazeki. Zisebenza ngokuzimela, ngokukhululeka nangaphandle kokwenzelela, ngakho abukho ubufakazi bokuthi leli lizwe liyenzelela kwezobulungiswa. Ezobulungiswa zizokwenza umsebenzi wazo nabakwaBushiri,” kusho uLamola.
UBushiri, ongumfundisi webandla i-Enlightened Christian Gathering, wephula imigomo yebheyili emuva kokweqa kade engaphandle ngebheyili.