UNGQONGQOSHE kaGesi uDkt Kgosientsho Ramokgopa usechithe ukuthi bamise izinhlelo zokucisha ugesi ngenhloso yokuwonga ngenxa yokuthi kunokhetho lukazwelonke ngasekupheleni kwenyanga.
URamokgopa uthe alukho uhlelo olufuze lolu abalwenzayo lokumisa ukucishwa kukagesi ukuze i-ANC inganyundelwa ngalokhu ngako ngamaqembu aphikisayo njengoba kuzoba nokhetho ngoMeyi 29.
Uthe mkhulu umsebenzi owenziwe yi-Eskom ukuqinisekisa ukuthi ugesi awucishwa.
“Baningi engihlangana nabo bangibuze ukuthi ngabe kuzobuya yini ukucishwa kukagesi. Abanye bathi simise ukucinywa kwawo ngenxa yokhetho.
“Ugesi awucinywa ngenxa yemizamo yabasebenzi abazikhandlayo kanjalo nokubakhona kwawo okwamanje esingathi wenele ukuthi ungacishwa ngenhloso yokuwonga,” kusho uDkt Ramokgopa.
Ukusho lokhu izolo ekhuluma esithangamini sabezindaba lapho kade azisa khona izwe ngezinhlelo zokuqeda ngale nkinga kagesi ebesisesikhungweni esiphehla amandla iKusile, eMpumalanga.
Ukhuluma kanje sekuphele izinsuku ezingu-47 ugesi ungacishwa kuleli.
Njengoba sekusele amasonto kuvotwe, amaqembu ahlukene nezinhlangano zomphakathi zikhala ngokuthi kuzothi kungavotwa nje, kubuye ukucishwa kukagesi.
UNobhala - Jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula, ekhankasa KwaZulu-Natal ngempelasonto uthe bazoyiqeda le nkinga, bazosebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi iyaphela nya.
“Ngiyazi abanye abaholi bamaqembu aphikisayo bebefuna ukukhankasa ngale nkinga yokucinywa kukagesi. Bashaye eceleni-ke ngoba silwa nayo futhi sizoyinqoba siwuhulumeni kaKhongolose,” kusho uMbalula.
URamokgopa uthe uhulumeni akayifuni into yokucinywa kukagesi ngakho ngeke athi akumiswe ukucinywa kwawo ngenxa yokuthi kuzoba nokhetho bese iphinde iyabuya le nkinga ngemuva kwalo.
Uthe ngokwezinhlelo ze-Eskom njengoba kungena ubusika, uma kukhona izinkinga ezibakhona kudingeke ukuthi kucinywe ugesi, kungenzeka ngokwesigaba sesibili.
“Uma kungukuthi isimo sibi kakhulu ugesi ungacishwa ngokwesigaba sesihlanu. Kodwa kusetshenzwa ngamandla ukuthi lokhu kungenzeki ngoba kunohlelo lokubheka isimo samanje ebusika nesimo sasehlobo,” esho.
Uveze ukuthi kwehlisiwe ukusetshenziswa kukadizili ukuze kutholakale ugesi.
Ugxeke ababeyizikhulu ze-Eskom, abaqhubeka nokugxeka bethi ugesi awucinywa ngenxa yokuthi kusetshenziswa udizili.
“Abanye bahlulwa umsebenzi bayobhala izincwadi ngenkinga kagesi. Thina esikwenzayo wukuqinisekisa ukuthi ugesi ukhona, ngeke sigijime sibhale izincwadi, siyeke umsebenzi esiqokelwe ukuthi siwenze ngogesi, ” kusho ungqongqoshe.
Usho lokhu nje owayeyisikhulu esiphezulu se-Eskom, uMnuz André de Ruyter, wathi i-Eskom isebenzisa kakhulu udizili ukuze ugesi ungacishwa njengoba kuzoba nokhetho.
Encwadini yamasonto wonke uMengameli Cyril Ramaphosa, uncome ukungacishwa kukagesi wathi le yimizamo kawonke wonke.
Uxwayise ngokuthi isimo asikalungi ngokugcwele okuyinto egcizelelwe nanguRamokgopa.