KUSHAYELWE ihlombe wuNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, ukudutshulwa kubulawe abantu abayisikhombisa okusolakala ukuthi bese bebhubhisile ngobugebengu eMgungundlovu.
Kubulawe amadoda amahlanu nabesifazane ababili ngoLwesibili ntambama endlini eseScottville.
UMnuz Bheki Cele uthe cishe bonke ababulewe bafe bephethe izibhamu ngezandla omunye ephethe i-AK47. Uthi wayebathembisile abantu baseMgungundlovu ngenkathi ehambele khona ukuthi uzoyiqeda yonke le nto yobugebengu eyenzekayo.
Uthe ababulewe bebephila impilo eseqophelweni eliphezulu, bephuza utshwala obubizayo, igumbi ngalinye linobhazabhaza wethelevishini.
“Siwahloma uphaphe legwalagwala amaphoyisa. Sike saya lapha abantu bekhala esikaNandi ngenxa yokungalali ebusuku kudutshulwa abantu, kudlwengulwa nezingane. Isiteshi iPlessislaer sesidle ubhedu kwayisona esizihola phambili ngamacala okubulala,” kusho uCele.
Iqoqo labantu ababulewe libe negalelo elikhulu ekukhuphuleni lezi zibalo zokubulala nokudlwengula.
Uthe baya eMgungundlovu bafike babakhuza ababulewe ukuthi uma beqhubeka nento abayenzayo bazohlangana nenyoka iphuza umhluzi.
“Iyonake into eyenzekile izolo (ngoLwesibili) ngoba kuthe uma kutholakala ulwazi, amaphoyisa ase egasela khona kanti laba bantu bazovulela ngenhlamvu. Ithimba lamaphoyisa ebelithunyelwe khona belicije kakhulu, likwazile ukwenza lokhu okwenzekile,” kusho uCele.
Uthe omunye wababulewe yindoda eyeqa ejele ezinsukwini ezimbalwa ezedlule. Uqhube wathi ukweqa ejele kwaleziya ziboshwa kwakuncike kuyena, kuzungeze yena.
“Akukapheli, amaphoyisa azoqhubeka enze umsebenzi wawo ukuze akwazi ukuyishayela kahle leya ndawo ukuze abantu baseMgungundlovu baphile kahle, bahlukane nokwesaba,” kuchaza uCele.
Inkulumo yakhe yenanelwe wuKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Nhlanhla Mkhwanazi othe le ndoda eyeqa ejele ibidume ngegama likaNsunsu, ingenye yeziboshwa ezingu-45 ezeqa ngesikhathi kuvinjwa iloli yamaphoyisa eyayisusa iziboshwa ejele iNew Prison ziyovela eNkantolo yeMantshi eMgungundlovu.
ULt Gen Mkhwanazi uthe ziwu-10 kuphela iziboshwa ezisagcwele amathafa, ezintathu kuzona ezaziboshelwe ukungabinawo amaphepha azigunyaza ukuba seNingizimu Afrika.
Ugcizelele ukuthi lokhu kweqa kweziboshwa kwakuhlelwe ngumufi uNsunsu neqembu lakhe lemigulukudu.
“Uzakwabo ayeboshwe naye wanqaba ukweqa abaleke, wakhetha ukuzihlalela ngesizathu kwathina esingasazi. UNsunsu ubewumuntu ongenawo unembeza, embandakanyeka kuxhaxha lwamacala, futhi ekwazi ukuthola indlela yokubulala ofakazi emacaleni asuke ethweswe wona,” kusho uLt Gen Mkhwanazi.
Uqhube wathi le ndoda ibinendlela ethola ngayo ukuthi enkantolo ubani ufakazi futhi uhlobene nobani bese exhumana nabantu abangaphandle kwasejele abeqinisekisa ukuthi bayasocongwa ofakazi.
“Sikwazile ukuvikela abanye ofakazi yingakho ebemagange ekutheni eqe ejele ngoba akakwazanga ukubulala labo fakazi abangaphansi kohlelo lokuvikelwa ngamaphoyisa,” kusho uMkhwanazi.