UZOTHUNYELWA ukuyohlolwa isimo sakhe somqondo, umsolwa ecaleni lokubulala isitshudeni sase-University of KwaZulu-Natal obevele okwesibili eNkantolo yeMantshi yasePinetown, izolo.
Enkantolo kuvele ukuthi uKhayelihle Nzimande (25) ongumsolwa ecaleni lokubulawa kukaSimukelo Zondi (24) abebefunda nomsolwa kule nyuvesi, akakulungele ukuqula leli cala kuze kube uhlolwa ingqondo.
Kuphakame imimoya emndenini kamufi ngesikhathi uNzimande enza okungajwayelekile ebacishela iso ngesikhathi ephuma enkantolo emuva kokuthi iMantshi uNkk Gwendolyn Robinson ikhiphe isinqumo sokuthi kumele abuye ngoNovemba 5 ukuze anikezwe usuku oluqondile azothunyelwa ngalo kudokotela wengqondo.
Ummangalelwa ngomlomo wommeli wakhe (elingatholakalanga igama lakhe), uthe uyakuhoxisa ukufaka isicelo sebheyili.
IMeya kaMasipala waseMshwathi uMnuz Mandla Zondi ebihambele leli cala ukuyokweseka umndeni kamufi ithe bayasihlonipha isinqumo senkantolo.
“Khona kukhona okusolisayo ngesenzo sikammangalelwa. Kuyadida ukuthi umuntu ophile kahle angabulala umuntu maqede amshise othe isidumbu sakhe ngesikhathi sivutha.
“Kungenzeka unakho ukuphazamiseka emqondweni, uma kungenjalo ubesebenzise izidakamizwa. Sonke siyafisa ukwazi ukuthi isimo sakhe somqondo sinjani,” kusho uZondi.
Uthe lesi senzo salo msolwa siwuhlukumeze kakhulu umndeni kamufi kangangoba bengabaholi, sebebanikeze usizo lokululekwa ngokomphefumulo.
Amalungu omndeni kamufi aphinde enqaba ukukhuluma nabezindaba athi acelwe ukuthi angakhulumi nabezindaba ukuze lingonakali icala.
UZondi kuthiwa ufihlwe ngempelasonto KwaSwayimane.
Umholi wezitshudeni e-UKZN ophikweni oluse-Westville, uMoses Nkambuko uthe sekunezinhlelo abaziqalile zokululeka izitshudeni ezihlukunyezwe yilesi sigameko ezizodonsa amasonto amabili ukwenza isiqiniseko sokuthi basesimeni esihle ngokomqondo njengoba belungiselela ukubhala izivivinyo.
Khonamanjalo, lihoxisiwe icala likanogada wenkampani yabagada imali, oboshwe ngempelasonto ngecala lokudubula owesilisa ePinetown, okuthiwa ubeqiwe izinkamba wasukela onogada ebebesemsebenzini ngaphandle kwesuphamakethe enkulu yakuleli dolobha.
UMnuz Bongani Cele (28) ubevele eNkantolo yeMantshi yasePinetown izolo kodwa icala lakhe lahoxiswa ngoba kuthiwa inkantolo ayinabo ubufakazi obanele.
Ummeli kaCele, uMnuz Jacques Pierre Botha, uthe uCele uzophinde abizwe kule nkantolo uma kungukuthi bukhona ubufakazi obuvelayo.