UMSOLWA wesine ecaleni lokubulawa komrepha uKiernan ‘AKA’ Forbes nomngani wakhe uTebello ‘Tibz’ Motsoane ubuze inkantolo izolo ukuthi kungani uMfundo Gcaba engekho ebhentshini labasolwa.
UMnuz Mziwethemba Harvey Gwabeni, osolwa ngokuba ngungqondongqondo kuleli cala ubuze lombuzo ngomlomo kammeli wakhe u-Advocate Paul Jorgensen omfundele incwadi efungelwe.
Incwadi efungelwe kaGwabeni ibiphendula uMbuso owenza izethulo zokuthi kungani ungafuni uGwabeni nabanye abasolwa abane kuleli cala kungafanele badedelwe ngebheyili.
Igama likaGcaba, ongusomabhizinisi odumile embonini yamatekisi lavela phambilini enkantolo, kuthiwa imali okusolwa ukuthi yayiyinkokhelo yokubulawa kuka-AKA noTibz yafakwa yinkampani yakhe (uGcaba) kwi-akhawunti kaGwabeni.
Efunda incwadi kaGwabeni, uJorgensen uthe umbuso nguye ungqondongqondo ekubulaweni kwalaba ababili, wathi imali engu-R800 000 yafakwa kwi-akhawunti yakhe ukuze kukhokhelwe ukubulawa kwabo.
“Uma umbuso ukholelwa kulokhu, mina bengilindele ukuthi umbophe uMfundo Gcaba, naye azoba umsolwa kanye nathi,” kusho uJorgensen.
Uqhube wathi kuze kube yimanje umbuso awukaze uchaze ukuthi yisiphi isizathu esenza ukuthi angaboshwa.
“Isizathu ukuthi abukho ubufakazi obuqinile obumyamanisa naleli cala,” kusho uJorgensen.
Esekulo lelo phuzu ugcizelele ngelithi ukufakelana imali eyisamba kwakuhambisana nomsebenzi wenkampani yakhe yemayini.
Uqhube wathi inkantolo ayikakwazi ukuveza ukuthi yini eyayingadala ukuthi yena noGcaba bafune u-AKA noTibz befile.
Wathi uyavuma ukuthi wayifakelwa vele imali kodwa kwakungeyomsebenzi, waqhuba wathi wayichaza kwasolwa nabo ngomsebenzi ababemenzele wona.
“Ukuthi ngayithola ngosuku okwabulawa ngalo abafi nokuthi ngabe sengifakela uLindokuhle Ndimande uR133 000 khona lapho, kwaziqondanela nje,” kusho uJorgensen.
UJorgensen uphinde wafunda isitatimende esathunyelwa wumndeni wakwaGcaba kwabezindaba lapho bechaza khona ukuthi ilungu labo, uMfundo linobudlelwano bezamabhizinisi noGwabeni, obungaqalanga ngesikhathi emfakela uR800 000 kodwa budala.
Ngokwesitatimende uthe umndeni wakwaGcaba waveza ukuthi awukaze uthintwe ngamaphoyisa mayelana nodaba lwale mali uMfundo ayifakela uGwabeni.
Waveza ukuthi uMfundo uthi ukulungele ukuthi azocacisa ngale mali nanoma yinini uma engabizwa ngamaphoyisa.
Eziphendulela kolwezimoto okuthiwa zasetshenziswa ekubulaweni kwalaba ababili, iBMW nePolo, uthe kuyiqiniso ukuthi wayezibolekile enkampanini ebolekisa izimoto.
Wathi njengoba umphenyi egqamisa ukuthi zasetsheziswa ekwenzeni icala, wehluleke wancama ukuvezela umbuso ukuthi ngesikhathi kwenzeka isigameko, kwase kuphele izinyanga aboleka lezi zimoto.
IMantshi uMnuz Vincent Hlatshwayo ulihlehlisele uMay 2 icala ukuthi kwenziwe izethulo zokugcina phakathi kwabashushisi bombuso nabameli babasolwa.
Angu-12 amacala abhekene nabasolwa, kuwona kukhona elokwakha itulo lokubulala, elokubulala u-AKA, elokubulala uTibz, elokutholakala nesibhamu ngokungemthetho, elokutholakala nezinhlamvu bese kuba ayisihlanu okuzama ukubulala namabili okushintshisana ngemali ngokungemthetho.