USIBANGE nomholi we-EFF isikhundla sokuba wumengameli wezwe kulokhu uMnuz Cyril Ramaphosa ogcine ephinda ekhethwa waba ngumengameli wezwe ihlandla lesibili.
IPhalamende lihlale umhlangano wokuqala eKapa lakhetha uNkk Thoko Didiza kwesikaSomlomo. UNkk Didiza wehlule uNksz Veronica Mente onguSihlalo we-EFF kuzwelonke nobephakanyiselwe kwesikasomlomo.
Amalungu akhethe uDkt Annelie Lotriet we-DA kwesePhini likaSomlomo eginqa uMnuz Vuyolwethu Zungula we-ATM naye obephakanyisiwe.
IPhalamende ebelihlala lingelesikhombisa kusukela ngo-1994 ngesikhathi izwe liphuma kuhulumeni wobandlululo kungenwa kowentando yeningi.
Ukuhlala kwePhalamende kuqale kwenganyelwa yiNhloko yamaJaji kuleli iJaji uRaymond Zondo yase iphosa izintambo kuSomlomo uNkk Didiza. UMengameli ukhethwe selishonile ilanga ebusuku ngenxa yokuhamba kancane kohlelo.
Ukukhethwa kukahulumeni omusha kuwumphumela wohulumeni wobumbano lweANC, DA ne-IFP.
I-ANC ebiphethe izwe iminyaka engu-30 ingene ehlazweni ihluleka wukubuyela emandleni nokuphoqe ukuthi ihambe ifongqa isigqoko ixoxa namaqembu.
Kuthe kusahleli umhlangano wePhalamende kusakhethwa, i-MK yathumela isimemo sabezindaba ibika ukuthi uMnuz Jacob Zuma uzokhuluma ngeSonto njengoba ebize abezindaba.
Isimemo siveza inkulumo kaZuma njengezobe iqavile ibhekene ngqo nesizwe sezwe nepolitiki.
“UMengameli uZuma uzokhuluma nabezindaba kwingqophamlando yenkulumo maqondana nesimo sepolitiki esiqhubekayo. IPhalamende liqhubekile nomsebezi walo ngaphandle kwamalungu ePhalamende eMK adube umhlangano ngoba ethi awayemukeli imiphumela yokhetho lukazwelonke. Uzokhuluma ngezinto eziningi nezithinta ikusasa lezwe,’’ kusho isitatimende esikhishwe wuMnuz Nhlamulo Ndhlela, okhulumela iMK.
UNdhlela uthe inkulumo kaZuma izoba ngeSonto eGoli endaweni engakadalulwa ngehora lesibili ntambama nokuyilapho azokhuluma khona konke.
UZuma ubiza imbizo nje wachithwa yinkantolo ohlwini lwamalungu ePhalamende ngenxa yokuthi wake walahlwa ngecala wagwetshwa.
I-MK ibingabonwa nhlobo ePhalamende kodwa esifundazweni KwaZulu-Natal amalungu ayo afungiswe ngempumelelo. I-MK inezihlalo ezingu-58 ePhalamende bese iba nezingu-37 esiShayamthetho saseKZN.
Kulindeleke ukuthi uMengameli agcotshwe emcimbini ozoba ngoLwesithathu lwesonto elizayo ePitoli. Emuva komcimbi amehlo ayobe esethi njo kumengameli ukuthi amemezele amalungu ekhabhinethi azosebenza nawo kuhulumeni omusha.
Nakuba i-ANC ingenile kuhulumeni wobumbano namanye amaqembu kodwa sikhona isikhalo kwezinye izakhamkhanya ezisola i-ANC ngokushintsha imibala.
Amaqembu angafakwanga kuhulumeni wobumbano abelokhu ekhale njalo futhi abeziphakamisela amanye amagama aphikisa lawo aphakanysiwe yilawo ayingxenye kahulumeni wobumbano.