UMENGAMELI we-IFP, inkosi Mangosuthu Buthelezi, uvuma ukuthi iqembu lakhe linoqhekeko oludala ukuthi kugcine sekubambezeleka izingqungquthela zenhlangano.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba eThekwini izolo, uButhelezi uthe ezinye izizathu ezidala ukuthi izingqungquthela zingabi khona yindaba yoqhekeko nokwakhiwa kwamaziko angombombayo.
“Njengawo wonke amaqembu ezepolitiki nakithina lukhona uqhekeko kodwa senza konke okusemandleni ethu ukuthi siluqede,” kusho uButhelezi
Uthe okwamanje bamatasa nokwakha kabusha amaziko, wengeza ngokuthi uma sebeqede uhlelo bayobe sebenquma ukuthi izingqungquthela ziba nini.
UButhelezi izolo wamukele amalungu amasha awu-76 abekade engawe-ANC kwi-ward 110 eThekwini.
Uthe uzishaya isifuba futhi uyazigqaja ngokuthi wake waba yilungu le-ANCYL ngaphambi kokuba asungule inhlangano yakhe.
“I-IFP yakhelwe phezu kwezisekelo zikaKhongolose. Sayakha iNkatha njengenhlangano yesikompilo likazwelonke sasebenzisa ifulegi lemibala kaKhongolose, sathabatha izinkambiso zenqubomgomo ezifanayo, silandela nezilokotho ezinhle zabaqambi bakaKhongolose ngo-1912,” kusho uButhelezi.
Uthe uba nenkinga uma ebuka i-ANC yakudala neyanamuhla.
“Ngiphuma kwi-ANCYL, ngiphuma endaweni eyodwa yezombusazwe njengani kodwa njengani lapho ngibona ukuthi kunoguquko izinto kazisenziwa ukugculisa izimfuno zabantu abahlwempu bezwe lakithi ngakhetha izwe lakithi, ngaqoka ukwakha ubugugu bombangazwe lobo engingeke neze ngazinyeza ngabo, namhlanje ngiyakuqonda ukuthi nani nenze kanjalo niqoke kahle ngobuhlakani naqoka izwe lenu, ngiyanibonga ngokuthi nenze iNkatha ikhaya lenu,” kusho uButhelezi.
Omunye wabajoyine iNkatha, uMnuz Romoe Hulane, uthe uthathe isinqumo sokuthi ajoyine i-IFP ngoba ebona kuyilona kuphela iqembu elibophezele ukusiza abantu.
UHulane uthe i-IFP inohlelo olucacile lokusiza abantu kusele ukuthi ithole amandla okwenza lokho.
“Bengingumholi ezinhlakeni ze-ANC emphakathini, ukusebenza kwami kwenze ngahlangana namanye amalungu e-IFP kwaze kwafika lapho ngithatha isinqumo sokuyijonina iNkatha. Ngokukhuthala kwami ngibe sengilandelwa nangamanye amalungu e-ANC ewadini,” kusho uHulane.