UMFUNDISI waseMalawi ozibiza ngoMphrofethi, uSheperd Bushiri, ukhombe ingalo yomthetho yakuleli kulandela ukushona kwendodakazi yakhe eneminyaka eyisishiyagalombili u-Israella.
Kubikwa ukuthi indodakazi kaBushiri ishone ngoMsombuluko ekuseni ngemuva kokuphathwa yisifo samaphaphu. UBushiri njengamanje ucashe ezweni lakhe kulandela ukubalekela amacala akhe enkohlakalo kuleli.
Esitatimendeni asinameke ekhasini lakhe kuFacebook uthe indodakazi yakhe ibingeke ishone ukube ubanqatshelwanga ukuya eKenya. Njengoba abashushisi bakuleli befuna ukumbopha, uBushiri nomndeni wakhe akukho lula ukuthi banyakaze eMalawi.
“Ngesikhathi ngikhuluma nodokotela, ukugcizelelile ukuthi ukube indodakazi yami ayivinjwanga esikhumulweni sezindiza ngesikhathi idinga ukuya eKenya zisuka, ngabe ayishonanga. Kungiphula inhliziyo futhi kuyadabukisa ukwazi ukuthi indodakazi yami ibe yisisulu sokushushiswa esibhekene nakho eNingizimu Afrika,” usho kanje.
UBushiri uthe benenkosikazi yakhe bakhethe ukwamukela lokhu njengentando kaNkulunkulu.
Indodakazi yakhe yaba sematheni ngesikhathi eyithengela unyanyavu lwemoto olubiza uR1.6 million begubha usuku lwayo lokuzalwa ngo-2017.