USHAQEKILE umndeni wabashadikazi abasebancane uSiyacela noThando Dlamuka bodumo lohlelo Isencane Lengane kwiMoja Love, kusabalala izindaba zokushona kukayise kaSiyacela.
Izindaba zokushona kukaMfundisi Mthandeni Dlamuka, zisabalale ezinkundleni zokuxhumana ngempelasonto. UDlamuka uke wavela kulolu hlelo, olukhuluma ngempilo yezothando phakathi kwendodana yakhe nomakoti wakwakhe abaganana beneminyaka engu-16.
UDlamuka wavela engaphilile kahle kulolu hlelo. Okhulumela umndeni, uMnuz Sphamandla Ntombela ethintwa Isolezwe uthe: “Ubaba uDlamuka uqalwe ukugula kusuka ngonyaka owedlule kwatholakala ukuthi unesifo senhliziyo, uvuvukala umzimba wonke welashwa kwangathi kuyalunga. Kuthe kulo nyaka waphuka emuva kokuphoseka estamkokweni Olundi Plaza, waphuthunyiswa esibhedlela eNgwelezane kwatholakala ukuthi uphuke emanyongeni bamdlulisela eNkosi Albert Luthuli, eThekwini. Yilapho kwakumele ayohlinzwa khona, kwatholakala ukuthi ngeke asakwazi ukuhlinzwa ngoba umfutho wegazi wawuphezulu kanjalo nesifo senhliziyo okwenze impilo yangaba yinhle. Okusidumazile ke ukuthi kusatshalaliswe into ethi ushonile ezinkundleni zokuxhumana ngaphandle kokuqinisekisa emndenini lokho. Kuthe naye mayefundiswa lezi zindaba waphatheka kabi okuholele ukuthi i-BP yakhe yenyuke.”
NgeSonto ekhuluma neSolezwe, uNtombela uthe isimo sikaDlamuka singcono kodwa iselula yakhe bayithathile.
“Siyafisa bamkhulekise kunokumfisela izinto ezibuhlungu nokunika umndeni, amakhosikazi akhe amane, izingane zakhe nabazukulu nezingane zakwabo, ithuba lokuba balekelele uDlamuka ukuba alulame kunokusabalalisa izinto ezibuhlungu,” kusho yena.
USiyacela ushadelwe ngo-2018 ngo-Ephreli, uThando (16), uKaMathebula waseNkandla. UThando wayefunda uGrade 10, kwesinye isikole esikhona oLundi ngesikhathi egana. USiyacela yena wagcina ngokusiyeka isikole ekhala ngokuthi akasakwazi ukuqhubeka nokufunda.