INKOSI yasemaChunwini, eMsinga ithi kuyiphatha kabi ukuthi ayikakenzi okwanele ukulekelela isikole iMacingwane Secondary School esesidume ngokuphasa ngamalengiso ku-matric.
INkosi Ngangendlovu Mchunu, ithi okwenza ingahlaliseki wukuthi lesi sikole siphakamisa uyisemkhulu njengoba siqanjwe ngaye. Lokhu ikusho ngoLwesihlanu kwemukeliswa abafundi nezikole ezenze kahle ku-matric eMsinga. IMacingwane Secondary yiyona okuvele ukuthi izidlele amahlanga ngokuphasa ku-matric, okuyinto ephakamise uMsinga njengoba kuyiwona ohlule zonke izikole zesifunda uMzinyathi.
“Besinomhlangano nesigungu sami, sibhunga yona indaba yalesi sikole. Ngibona ngisikweleta kakhulu lesi sikole esiphakamisa igama likababamkhulu ngale ndlela. Njengomholi wesizwe, ngibone kumele kube khona esikwenzela sona nokusilekelela lapho esidinga khona usizo. Okwamanje besingakaphumi neqhinga lokuthi sizosenzelani ngoba sisabheka ukuthi sishoda kuphi,” kusho iNkosi Mchunu.
Ithe akusho ukuthi bazogxila esikoleni iMacingwane kuphela ngoba ziningi nezinye ezenze kahle. Ithe izikole eziningi zaseMsinga ziqanjwe ngamakhosi akhona futhi zenza kahle kwezemfundo, okuyinto ephakamisa uMsinga okuyindawo ebukeleka phansi.
Abafundi nezikole ezenze kahle ku-matric eMsinga baphiwe izipho wuMasipala waseMsinga, ukuzigqugquzela ukuthi zihlale zisesicongweni njengoba kuyizona ezimele isifunda uMzinyathi.
IMeya yaseMsinga, uDkt Felinkosi Sikhakhane, ithe noma benesabelomali esincane kodwa ngeke bangayenzi into ezogqugquzela abafundi nezikole zendawo, ukuthi ziphakamise ifulegi lale ndawo. Uthe okubajabulisayo wukuthi okwenzeka eMsinga akusekhona okwale ndawo kuphela kodwa sekungeyesifunda uMzinyathi.
Abafundi nezikole bajatshuliswe ngezipho ezehlukene, okukhona kuzona izindondo, izitifiketi, ama-laptop, ama-router, imali nama-projector.