ULASHELWA esibhedlela saKwaNongoma, iSt Benedict, owayengumdidiyeli wamabutho kaZulu, uMnuz Mlandeni "Mgilija" Nhleko, osekuvele ukuthi uxinwe yiTB ngokunjalo nokhwantalala.
Umfowabo kaMgilija, uMnuz Seth Nhleko, okhulumela umndeni, uthe odokotela bathole ukuthi uphethwe yiTB ngesikhathi behlola isimo sakhe sempilo engeniswa esibhedlela.
“Siyabonga kulabo abeseka umndeni ngemikhuleko nangeminikelo ukuze sikwazi ukukhokhela izindleko zodokotela abazimele abelapha umfowethu. Njengoba kutholakale nokuthi alihleli kahle ihlombe lakhe kwesokudla, simatasa sizama ukuqoqa imali ukuze bezokulungisa nalokho,” kusho uNhleko.
Uqhube wathi ngenxa yalesi sifo, uMgilija uthathe ikhefu kuyo imisebenzi ayenzayo endlunkulu.
Kwenzeka lokhu nje uMgilija ubesezindabeni ngenyanga edlule, engqubuzana nabasendlunkulu ngempendulo yakhe ngesikhathi ekhuzwa ngokuhola amabutho ayeyokweseka owayengumengameli wakuleli, uMnuz Jacob Zuma.
Ngaleso sikhathi uZuma kwakumele alandwe ngamaphoyisa noma azinikele esiteshini samaphoyisa. Kepha abalandeli bakhe bafunga bagomela ukuthi ngeke bavume ukuba aboshwe njengoba agwetshwa izinyanga eziwu-15 ebhadla ejele ngecala lokwedelela umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo.
Ukuhambela kukaMgilija namabutho emzini kaZuma kwanenga abaningi endlunkulu. Indlunkulu neSilo bagcina bekhipha isitatimende lapho baziqhelenanisa khona nesenzo sikaMgilija.
Emva kwaleso senzo, uMgilija wadilizwa esikhundleni kulandela isinqumo esathathwa wumkhandlu wasoSuthu nabaNtwana. Umkhandlu wasoSuthu wasola uNhleko ngokuba ngundlebekazizwa, wathi bekungesikhona okokuqala ekhombisa ukuzilawula.
Ngaleso sikhathi uNhleko wathi akanandaba nesikhundla ngoba asimholeli. Ngasekupheleni kukaJulayi washintsha umqondo njengoba afongqa isigqoko, wayoshweleza eSilweni.