USWELE amazwi anele okubonga isikhungo semfundo ephakeme afunda kuso, ngokumsiza ngolwazi lokuthuthuka kwezamabhizinisi, futhi esimxhase ngemali athi imsize ukufukula ibhizinisi lakhe lokucwala ikhanda, i-Alwande’s Hair and Beauty Studio.
UNksz Alwande Mtshali (23) waKwaMsane, eMtubatuba, uthi ukhule evele eluka abantu ngakubo, waqhubeka nasenyuvesi enzela ukungavaleki, engazitsheli nhlobo ukuthi kungagcina kuba yibhizinisi aziphilisa ngalo.
“Konke kushintshe ngonyaka odlule ngenkathi ngihlangana nesitshudeni esangitshela ngohlaka olungaphakathi eDUT, i-Entrepreneurial Desk and Centre olwenza izinhlelo zokufukula izitshudeni ezinamabhizinisi enyuvesi.
“Yilapho-ke engicijwe khona ngokuningi okuthinta ibhizinisi, ngabhalisa elami ngokusemthethweni, ngaphinde ngaba nenhlanhla yokuxhaswa ngoR50 000 wokulikhulisa. Ngithathe leyo mali ngakha ngayo i-salon encane yokusebenzela ekhaya eMtuba,” kuchaza uNksz Mtshali.
UNksz Mtshali owenza iDiploma in Public Relations and Communications eDUT, uthe ujabule kakhulu ngokwenziwe yinyuvesi kuye. Ngokusizwa yiyo, usekwazi ukuzimela nokuziphilisa nge-Alwande’s Hair and Beauty Studio.
“Ngebhizinisi lami sengiyakwazi ukuziphilisa futhi akusizakali mina ngedwa kulona, ngoba senginezintokazi ezintathu ezingilekelela ukuqhuba umsebenzi.
“Konke kusahamba kahle kakhulu, kangangokuthi kuyenzeka ngenze ngisho uR1 000 ngosuku. Amakhasimende awawuvali umlomo ngesandla sethu,” kusho uNksz Mtshali oyi-model.
Uthe umbono asenawo ngebhizinisi kawupheleli ekulukeni abantu kuphela, kepha ufuna ukugcina esenemikhiqizo yezinwele neyobuso okuthi yena, eminyakeni ezayo.
Utuse inxusa lebhizinisi lakhe, uNksz Lungi Radebe ngokuma naye ngezikhathi zonke ebhizinisini.