UNzimande ubeqhudelana noMnuz Gwede Mantashe esikhundleni sikasihlalo kazwelonke.
UNzimande uhlale iminyaka engu-24 esikhundleni sikanobhala njengoba kade ephuma manje. UNobhala omusha wuMnuz Solly Mapaila obeyiphini lokuqala likanobhala. I-SACP, engamadlelandawonye ne-ANC ilokhu isikaze njalo ukungenela ukhetho ngokuzimela kodwa ayisithathi isinqumo. Ingqungquthela ike yahanjelwa nawuMengameli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa ofike wakhuluma ngezinkinga ezimkhungethe.
Uthe ngeke adlale abantu abathi akaphume esikhundleni ngoba befeza izinhloso zabo. URamaphosa uphawula kanjena nje iyaqonga ingcindezi yokuthi esule esikhundleni ngodaba lwaseplazini ePhala Phala lapho okwebiwa khona imali.