INTATHELI YESOLEZWE
UKUSINDA ngokulambisa ekushayisweni yisitimela kufake ugqozi ibhungu laseMlaza, eThekwini, ukuba libhale incwadi yezinkondlo lixwayisa ngezingozi ezidalwa wubudedengu babantu abawela kojantshi bezitimela.
Incwadi kaThokozani Msuthu Dladla (25) ethi Isitimela saseMlazi, iphume ekuqaleni kwenyanga edlule.
UThokozani uthe ngoMashi 31 nonyaka, okuyilanga lesigameko, wayephuma emsebenzini ngesikhathi enqamula kujantshi wesitimela eMlazi.
Uthe wazithela phezu kwabantu ababeshaya umfana owayesolwa ngokweba.
“Base bemhudula bezama ukumbophela kujantshi wesitimela befuna ashayiseke afe. Kwahlasimula umzimba kimina ngesikhathi ngicabanga ngenhlekelele eyayizokwenzeka. Ngavele ngathi khimilili, ngicabanga ukuthi ngingamsiza kanjani ukuze angafi ngalolu hlobo. Ngangingasanakile ukuthi kwamina sengisengozini njengoba ngangime phezu kukajantshi,” kuchaza uThokozani.
Uqhube ngokuthi ngesikhathi esame kanjalo wezwa ngesivuvu sesitimela esamshaya samlahla ezihlahleni.
“Ngalimala kanzima ekhanda nasemzimbeni. Isitimela sama sekusele kancane ukuba singishayise. Kodwa ngashaywa wumoya waso ngayofumbeka le kude. Kwagcwala abantu bangisiza, waphunyuka kanjalo nomfana owayeboshelwa kujantshi. Ngatatanyiswa lapho ngayiswa esibhedlela,” usho kanje.
Uthe walala amasonto amabili esibhedlela okuyilapho okwafika khona umcabango wokuthi makabhale incwadi ngobungozi bezitimela, exwayisa nangokuhamba ngezinyawo kujantshi.
“Kusuka emabangeni aphansi esikoleni benginothando lolimi lwesiZulu. Lokhu kungifake nothando lokubhala nokuhaya izinkondlo. Kuvele kwalula kimina ukuba ngibhale le ncwadi emva kwesigameko,” kusho uThokozani.
Uveze ukuthi ukhonze kakhulu ukufunda izincwadi zababhali ebehlukene okukhona kubo noDBZ Ntuli, akholwa ukuthi yikho okumkhulisayo kwezobuciko.
UThokozani uqale amabanga aphansi Esibanini Primary wabe esephothula u-matric ngo-2014, eSwelihle High eMlaza. Uthe yize efunde iCivil Engineering eMangosuthu University of Technology kepha uthando lokubhala yinto engaphakathi kuyena. Uthe kunenye incwadi aseyibhalile osekushoda ukuthi ishicilelwe.
Okwamanje incwadi Isitimela saseMlazi ayikatholakali ezitolo - usazidayisela yena.