OWESILISA oneminyaka engu-58 waseBuffelsdraai eVerulam udluliselwe emaphoyiseni emva kokuthi ebhadanywe umkakhe ‘edlwengula’ umakhelwane obedle amanzi amponjwana izolo.
Ngokusho kwenkampani yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA), owesilisa uboshwe umphakathi emva kokuthi umkakhe ehlabe umkhosi emva kokuzithela phezu kwakhe egila lo mkhuba.
Okhulumela iRUSA, uMnuz Prem Balram, uthe isigameko senzeke ekhaya likamgilwa.
“Unkosikazi kamsolwa ubeyobheka ukuthi konke kuhamba kahle yini kumgilwa ngesikhathi ezithela phezu komyeni wakhe ‘edlwengula’ umgilwa. Kuthiwa owesifazane uzamile ukumkhuza umyeni wakhe ethi akayeke lokhu abekwenza kodwa wangamlalela,” kusho uBalram.
Uthe lona owesifazane uphumile wayofuna usizo komakhelwane.
Kuthe uma ebuya esehamba nomakhelwane unkosikazi kamsolwa, bazithela phezu kwakhe esaqhubeka ‘nokudlwengula’ umgilwa.
“Uvele wabaleka uma esebona ukuthi umkakhe usevele wabuya nequlu labantu kodwa bamjaha, bambamba,” kusho uBalram.
Uveze ukuthi ngesikhathi abafike ngaso endaweni yesigameko emva kokuthintwa amalungu omphakathi, bafike umsolwa esebanjwe umphakathi.
Uqhube wathi kuthe uma bedlulela endlini kamgilwa, bamfica elele, kwathi uma bembuza ngesigameko kwatholakala ukuthi akazi nokuthi lidumephi kwazise ubekade edle amanzi amponjwana ngayizolo.
Uveze ukuthi umsolwa nomgilwa badluliselwe emaphoyiseni ukuze aphenye ngesigameko.