UPHIKO lwamaphoyisa kaMasipala waseGoli (JMPD) luzwakalise ukushaqeka ngokubulawa ngesihluku kwephoyisa likamasipala uKhensani Mabaso.
Leli phoyisa lesifazane elineminyaka engu-32 ubudala, belisebenza ngesikhathi libuya ekhaya ngoba imoto yomsebenzi ibipake ngaphandle kwekhaya lakubo eDiepkloof, eSoweto ngesikhathi ehlaselwa. Ngokombiko weJMPD, leli phoyisa litholakale lisagqoke umfaniswano womsebenzi lidindilizile linamanxeba okudutshulwa ngoLwesine ekuseni.
Uphenyo lokuqala luveza izinsolo zokugebenga njengoba ugcine ingatholakali iselula yakhe.
"I-JMPD idlulisa amazwi enduduzo emndenini, abangani kanye nozakwabo ka-Officer Mabaso abashonelwe. Siyaqinisekisa ukuthi sizozama ngakho konke ukwenza ubulungiswa nokuthola ababulali bephoyisa esilithandayo," kusho ibamba leNhloko ye-JMPD uMnuz Patrick Jaca.
Icala lokubulawa kwaleli phoyisa liphenywa amaphoyisa esiteshini iDiepkloof.