BEXWAYISA ababhukudi ngamagagasi angase abe namandla kusuka ngoLwesibili nasezinsukwini ezimbalwa ezizayo abe-National Sea Rescue Institute (NSRI).
Basho lokhu njengoba kulindelwe into ebizwa ngokuthi yi-new moon spring tide, okuthiwa yenzeka uma kuhlangana ilanga, unyezi nomhlaba.
Kuthiwa lokhu kwenzeka uma kwakheka unyezi omusha, okugcina kuholela ekutheni kuthinteke nolwandle, okuvele ukuthi kulokhu kuqondane nalesi sikhathi sonyaka.
Elandisa ngalokhu oyisikhulu sezokuxhumana kwi-NSRI, uMnuz Andrew Ingram uthe uma kwenzeka lokhu, abantu kufanele baqaphele ukuthi amagagasi angaba makhulu futhi kungenzeka ahambe adlule lapho ejwayele ukuphelela khona.
“Lokhu kungadala ubungozi kubabhukudi, kuthi lezo ndawo eziqwalwa yilabo abaqwala izintaba eziseduze nolwandle, kungenzeka bangakwazi ukufinyelela kuzo noma kube yingozi ukuya kuzona,” kusho u-Ingram.
Uthe nalabo abadobayo, kufanele bakwenze lokho ngokucophelela njengoba amagagasi kungenzeka adlule endaweni abayijwayele.
Uyale ababhukudi ukuthi ukuze baqinisekise ukuphepha kwabo, kufanele babhukude ezindaweni eziqashwe abatshuzi, babhukude lapho okubekwe khona ama-flag okubhukuda.
“Kulabo abahamba ngezikebhe, kufanele bagqoke amajakhethi avikela ukuminza, bangakhohlwa nawukuphatha izinto ezingaba wusizo njengamaselula afakwe ezikhwameni ezingangenwa amanzi, bagcine eduze izinombolo ezingaba wusizo uma kwenzeka bevelelwa yinkinga,” kusho u-Ingram.
Uthe abantu abaqikelele ukuthi ababhukudi uma sebeqhafile.
Wexwayise nangokuphuza kwezingane uthswala, wathi akumele zingabhekwa muntu uma zisondela olwandle.
Uthe lesi simo singathatha izinsukwana ngaphambi kokuthi isimo sibuyele kwesejwayelekile.